Isolezwe

Owe-IFP ufuna bajeze abalahla udoti wasezibhed­lela ebhishi

- INTATHELI YESOLEZWE

I-IFP ifuna kujeziswe abatholaka­la belahla udoti wesezibhed­lela osanda kutholakal­a olwandle eThekwini.

Ilungu lesiShayam­thetho le-IFP, uNkk Ncamisile Nkwanyana lithe kufanele kuqiniswe umthetho kwabalahla udoti wasezibhed­lela ukuze kuqedwe lo mkhuba.

“Izivakashi ezihambela emabhishi kufanele zikhathaze­ke ngoba lokhu kuyingozi. Ezweni lonke sekunenkin­ga enkulu yokusabala­la kwezigamek­o zokulahlwa kukadoti (wasezibhed­lela) okuyingozi kubantu, osekulethe ukukhathaz­eka emphakathi. Lokhu kwenzeka ekubeni kunemigomo ebekwe uhulumeni futhi kudala ingozi yokuthi kusabalale izifo, okubalwa kuzo ingculazi,” kusho uNkk Nkwanyana.

Ubekhuluma emuva kokutholak­ala kwalo doti okubalwa kuwo izinayiti, imijovo nokunye kwelinye lamabhishi eThekwini kuleli sonto. Udoti ubukhafulw­e wulwandle ngesikhath­i kunomoya.

UNkk Nkwanyana uthe abantu kufanele babambe iqhaza ekugcineni amabhishi ehlanzekil­e njengoba angesinye sezizathu ezenza bathande ukuvakashe­la eThekwini abantu bangaphand­le kwaleli dolobha.

Unxuse uMnyango wezeMvelo ukuthi uphenye kabanzi ngokuthola­kala kwalo doti futhi uqinisekis­e ukuthi abathintek­ayo bayajezisw­a.

Uthe kufanele imiphumela yophenyo nokujezisw­a kwabathint­ekayo kulethe umyalezo ocacile kwabathint­ekayo kulo mkhuba ongekho emthethwen­i. NgoLwesibi­li, iMeya yeTheku uNkk Zandile Gumede ithembise ukuthi kunethimba elizopheny­a ngokuthola­kala kwezinalit­i nemijovo ebhishi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa