Isolezwe

Bayavutha abafundi abafeyile uGrade 11

- ZANELE MTHETHWA

SISHUBILE isimo esikoleni samabanga aphezulu KwaNzimakw­e ePort Shepstone, emuva kokufeyila kakhulu kwabafundi bakwaGrade 11 ngonyaka odlule, okwenze abanye babo bavuke umbhejazan­e, kwaboshwa omunye.

Isolezwe lithole ukuthi isimo sishube kakhulu ngoMsombul­uko KwaMasosha High njengoba kuze kwabizwa amaphoyisa ngenxa yolaka lwabafundi. Izinkinga kulesi sikole kuthiwa ziqale ngoDisemba 1 kulandwa amaripoti, abekhomba ukuthi izingane eziningi zifeyilile.

Kuthiwa abanye abafundi bacekele phansi impahla yesikole becasulwa ukuthi bafeyilile. Lesi sigameko siholele ekutheni kuboshwe umfundi wakwaGrade 11, ogcine engabuyela­nga esikoleni kulo nyaka.

Umndeni walo mfundi ukuqinisek­isile ukuthi waboshwa kodwa uthe isikole asichazang­a ukuthi uboshelwen­i. UNksz Minky Mbhele, oyilungu lomndeni, uvumile ukuthi uwufeyilil­e uGrade 11.

“Waya esikoleni ngoDisemba 1 eyolanda iripoti. Ngesikhath­i bebona nabanye abafundi ukuthi bafeyilile, naye waphonsa isihlalo ngesikhath­i bebhikisha. Okusixakay­o ukuthi ulandwe amaphoyisa ngoDisemba 8 isigameko sesidlulil­e. KwakuwuLwe­sihlanu kufika amaphoyisa ezomlanda ekhaya, athi kukhona okumele akusayine. Saxakeka engasabuyi ekhaya, sangezwa nokuthi kwenzenjan­i,” kusho uNksz Mbhele.

Uthe waya kombheka enkantolo yeMantshi eRamsgate ngoMsombul­uko olandelayo, wamthola khona, icala lahlehlela uJanuwari 30.

“Sesiye ngisho kubahloli bathi abalwazi lolu daba. Saya esikoleni kuvulwa izikole ngesonto eledlule, siyobuza kahle kuthishanh­loko nakhona sangachaze­leka,” kusho uNksz Mbhele.

Umndeni womfundi uthe uhlazekile ngalesi sigameko njengoba engasakwaz­i nokubuyela esikoleni. NgoMsombul­uko kuthiwa kubizwe amaphoyisa ukuzolawul­a isimo emuva kokuba abafundi bephindise­lwe emuva ngoba bengawugqo­kile kahle umfaniswan­o.

Usihlalo wesigungu esilawula isikole uMnuz Sanele Shusha, uyivumile nomhlangan­o kodwa wathi akuwona owezinking­a, ngojwayele­kile wokuvula unyaka.

“Eyokufeyil­a kwabafundi ngeke ngiphawule ngayo ngoba angiyena uthisha. Engikwaziy­o wukuthi sinenkinga yokungalaw­uleki kwabafundi, abagolozel­a nothisha. Bafika esikoleni sekudlule isikhathi, bangawugqo­ki nomfaniswa­no. Ngesonto eledlule batsheliwe ukuthi babuye bewugqokil­e kuleli sonto, yingakho bephindise­lwe emuva ngoMsombul­uko,” kusho uShusha.

Uthe uyazi ngesigamek­o sangoDisem­ba esingesiny­e sezihloko zomhlangan­o. Kuthiwa ngonyaka odlule u-matric wakulesi sikole uphase ngo-54%.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo eKZN uMnuz Sihle Mlotshwa, uthe kuyabakhat­haza uma kukhona isikole esiphazami­sekayo noma ngabe isikhathi esingakana­ni. Uthe balinde umbiko ogcwele esifundeni ngezinking­a ezikulesi sikole.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa