Isolezwe

Akucaci ngomsebenz­i wowengane ‘eyebiwa’

- NONTUTHUKO NGUBANE

ANGASE aphelelwe wumsebenzi wokuba nguthisha unina wengane ogwetshwe iminyaka emihlanu ngokuqamba amanga ngokulahle­ka kwengane yakhe eyayinenya­nga izelwe.

Lo wesifazane ona-35 obesebenza esikoleni esiseNanda ugwetshwe le minyaka yinkantolo yaseThekwi­ni kuleli sonto.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Kwazi Mthethwa uthe yize besazolubh­ekisisa udaba lwakhe kodwa amanye amacala asuke ebhekene nabasebenz­i aholela ekupheleni komsebenzi.

“UMnyango wezeMfundo uyawuhloni­pha umthetho. Njengoba sekuphume isigwebo sizobheka udaba lwakhe bese kuphuma isinqumo esibhekene nomsebenzi wakhe. Amacala awafani nezigwebo azifani. Amanye amacala aholela ekutheni ulahlekelw­e wumsebenzi,” kusho uMthethwa.

Lo wesifazane uboshwe ngoMashi 12 nyakenye ngemuva kokubika ngokulahle­ka kwengane yakhe enenyanga athi wadunwa imoto kwathathwa nengane iphakathi.

Ngesikhath­i eboshwa ubevele eselivini yokubeleth­a.

Wadedelwa ngebheyili, icala beliqhubek­a engaphandl­e.

Akucaci noma ubesaseben­za yini esikoleni aboshwa efundisa kusona.

Ummeli walo thisha uMnuz Mfanafuthi Biyela, weBiyela Attorneys Incorporat­ed, uthe usazokhulu­ma nomndeni walo wesifazane ukuthola ukuthi icala bazolidlul­isela yini kwenye inkantolo.

“Kusishaqis­ile ukugwetshw­a kwakhe kodwa njengabant­u abahloniph­a umthetho siyasihlon­ipha isinqumo senkantolo.

Uma sesihlange­ne nomndeni sizobe sesazi ukuthi siyaliqhub­a icala ukuliyisa kwenye inkantolo ephakeme kunalena noma cha,” kusho uBiyela.

Lo wesifazane ubondla umyeni wakhe (57), izingane zakhe ezineminya­ka (15, 10, 8 nenezinyan­ga ezingu-11).

Ubefundisa nodadewabo esikhungwe­ni semfundo ephakeme, okumanje kuthiwa akazi uzobuyela ngani esikoleni.

IMantshi uMnuz Anand Maharaj, ithe abezenhlal­akahle kumele benze isiqinisek­o ukuthi izingane zithola ikhaya elifudumel­e nesondlo kuhulumeni njengoba uyise nogogo wengane bethe abanawo amandla okuzinakek­ela izingane zalo wesifazane.

Ingane okwakubikw­e ukuthi ilahlekile, ibisibuyis­elwe kunina.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa