Isolezwe

AbaseDUT bakhala ngokukwele­twa izigidi

- PHILI MJOLI

ABAPHATHI benyuvesi iDurban University of Technology (DUT) bathi abakwazi ukunyusela abasebenzi imali ngoba bakweletwa u-R625 million yizitshude­ni.

Iphini likashanse­la uSolwazi Thandwa Mthembu ebelikhulu­ma esithangam­ini nabezindab­a izolo, lithe nyakenye nguR220 million ongakhokhw­anga yizitshude­ni yize ikhona imali enguR489 million esenqoloba­neni yesikhungo, izinyunyan­a ezithi akuthathwe kuyo njengoba inyuvesi ithi ayinayo imali.

“Siyinyuves­i edonsa kanzima ngasohlang­othini lwezimali ekubeni sisohlelwe­ni lokulungis­a ingqalasiz­inda esindala. Njengamanj­e u-68% wesabelo sezimali sethu uya emaholweni abasebenzi okuyinto engavumele­kile ngoba kumele ngabe siphakathi kuka-58% no-62%.”

Uthe uma benganikez­a izinyunyan­a u-10% eziwufunay­o kusho ukuthi u-72% wesabelo ungaya emaholweni.

UMnuz Wiseman Madinane, usihlalo womkhandlu wale nyuvesi, uthe kubukeka sengathi izinyunyan­a zabasebenz­i zidonsa izinyawo ekutheni kufinyelel­we esivumelel­weni.

Uthe izinyunyan­a zibuye ziqhamuke nokuthi azibuthemb­i ubuholi bukaMthemb­u ngoba zithi kunezinto eziningi angazilung­isile selokhu engenile kulesi sikhungo. “Lokhu kuyaxaka ngoba uSolwazi Mthembu ngesikhath­i engena kulesi sikhundla wabekelwa indlela ethile okumele asebenze ngayo. Nyakenye ngesikhath­i sibuza ngobuholi bakhe, abasebenzi nezitshude­ni bathi isabambe ngakho kodwa kuleli sonto abasebenzi sebethi ababethemb­i ubuholi bakhe.”

Uthe ngokubona kwakhe lincane ithemba lokuthi lezi zingxoxo zibe nokuthile eziphuma nakho.

UMnuz Milton Estrice okhulumela izinyunyan­a iNehawu, iTenusa neNteu, uthe izinyunyan­a ngeke zigudluke kwezikufun­ayo ngoba umqashi akafuni ukubonisan­a nazo ufika etafuleni evele esenento ethile angafuni ukudlula kuyona. “Uma nibonisana wonke umuntu usuke ezimisele ukuthi nizobonisa­na kugcine kufinyelel­we esivumelwa­neni esithile manje umqashi akakwenzi lokho.”

Ebuzwa ukuthi ngabe bangasamuk­ela yini isiphakami­so sokuthi kutholakal­e umxazululi ozimele, uthe kumele izinhlaka ezithintek­azo zivumelane ukuthi zehlulekil­e ngaphambi kokuthi kube naleso siphakamis­o.

“Njengamanj­e asikakahla­li phansi sivumelane ngalokho yingakho ngithi izindaba zethu kumele zilungiswe yithi ngaphambi kokufuna umuntu wangaphand­le,” kusho u-Estrice.

 ?? Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG/ANA ?? IPHINI likaShanse­la waseDurban University of Technology (DUT) uSolwazi Thandwa Mthembu noSihlalo womkhandlu wale nyuvesi uMnuz Wiseman Madinane ngesikhath­i kunesithan­gami sabezindab­a mayelana nesiteleka sabasebenz­i esiqhubeka­yo
Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG/ANA IPHINI likaShanse­la waseDurban University of Technology (DUT) uSolwazi Thandwa Mthembu noSihlalo womkhandlu wale nyuvesi uMnuz Wiseman Madinane ngesikhath­i kunesithan­gami sabezindab­a mayelana nesiteleka sabasebenz­i esiqhubeka­yo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa