Bazomukelwa abakweletayo emanyuvesi
IPHINI likaNgqongqoshe weMfundo ePhakeme uMnuz Buti Manamela seliyalele amanyuvesi ukuthi awamukele izitshudeni ezinezikweleti zangonyaka odlule.
UManamela uthe asikho isitshudeni okumele sichithwe ngoba isikhwama esixhasa abafundi ngemali iNational Students’ Financial Aid Scheme singazange sisixhase ngonyaka odlule.
“Izitshudeni azifake izicelo kwiNSFAS kodwa ezingakazitholi izimpendulo zokuthi zizoxhaswa nazo kumele bamukelwe.
Sizokuthatha njengokuphambana nemigomo kahulumeni ukuthi izitshudeni zingamukelwa uma kungukuthi siyakweleta noma singakayitholi into eshoyo ukuthi sizoxhaswa,” kusho uManamela.
Usho lokhu nje amanyuvesi amaningi amukela izitshudeni ezisuke sezithole izincwadi ezishoyo ukuthi zizoxhaswa yilesi sikhwama.
Ukubhalisa emanyuvesi ahlukene kuyaqhubeka. Kulo nyaka izitshudeni abazali bazo bahola ngaphansi kukaR350 000 ngonyaka kuya phansi uma umholo wabo uhlanganisiwe bazofunda mahhala.
Lezi zitshudeni azikhokhi ngisho isenti uma kungukuthi zifaka izicelo zoxhaso kwiNSFAS.
UManamela uthe kudingeka izitshudeni zenze kahle ezifundweni zazo.
I-NSFAS yathola izicelo ezibalelwa ku-300 000 zoxhaso kwizitshudeni eziqalayo kulo nyaka.
Abalesi sikhwama bathe cishe u-75% wezitshudeni ezifuna uxhaso seziqalile ukuthola imiqhafazo eshoyo ukuthi uxhaso ziyaluthola.
Isikhulu esiphezulu salesi sikhwama uMnuz Stephen Zwane sinxuse abaxhaswa asebesebenza nalabo abashiya phakathi izifundo, ukuthi babuyise imali abaxhaswa ngayo. Lesi sikhwama sikweletwa uR10 billion. UMengameli Jacob Zuma, owamemezela ukuthi izitshdeni ezingamile kahle zizothola imfundo yamahhala, ucashunwe ethi uhulumeni kumele athole imali ukuze kuxhaswe le mfundo.
UZuma uthe kumele kuvalwe ezinye izinhlelo ezingasizi lutho ukuze imali iye kwizitshudeni ezintulayo.