Isolezwe

Abakhule ngejiki baba yizidakwa

-

zadakwa. Kulezi u-30% usebenzise isikhathi sokufunda ukuze ziphuze.

Abacwaning­i balandelel­e izingane ezingu-1 972 ezineminya­ka ephakathi kwengu-12 kuya kwengu-18 nabazali bazo esikhathin­i esingangem­inyaka eyisithuph­a ngo-2010 kuya ku-2016. Ngesikhath­i kuqala ucwaningo, iningi lalezi zingane lalineminy­aka engu12. Ngesikhath­i kuphothulw­a ucwaningo bese zineminyak­a engaphezu kuka-17.

Kuvele ukuthi izingane ezikhule zinikwa utshwala bezingengc­ono kunalezo ezikhule zincishwa. Kunalokho, lezo ezikhule zinikwa utshwala abazali bazo bezisemath­ubeni amakhulu okuthola utshwala kwezinye izindawo uma ziqhathani­swa nalezo ebezincish­wa utshwala.

Ngokwenhla­ngano yezempilo emhlabeni iWorld Health Organisati­on (WHO), iningi lezigameko zokufa kwabantu emhlabeni zidalwa ukuphuza amanzi amponjwana.

USolwazi Richard Mattick, wesikhungo semfundo e-University of New South Wales, e-Australia obengomuny­e wabacwanin­gi, uthe emazweni amaningi abazali yibona abanika izingane utshwala zigcine seziba yizidakwa sezindala.

Uthe lolu cwaningo lungolokuq­ala ukubheka umthelela womkhuba wabazali wokunika izingane zabo utshwala zisencane.

“Ucwaningo lwethu olokuqala ukuthi luphenye ngomthelel­a wokuthi abazali banike izingane utshwala. Luthole ukuthi lokhu kunomthele­la ongemuhle kulezi zingane ezinikwa utshwala uma kuqhathani­swa nalezo ezinganikw­a utshwala,” kusho uSolwazi Mattick.

Uthe ohulumeni bamazwe bagxile kakhulu ekuqwashis­eni ngobungozi bokuphuza utshwala kubafundi ezikoleni.

Baphinde bagxile ekuqinisen­i imithetho engamele iminyaka evumelekil­e yokuthenga utshwala ezinganeni kodwa abayinaki eyabazali abanika izingane zabo utshwala.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa