Abakhule ngejiki baba yizidakwa
zadakwa. Kulezi u-30% usebenzise isikhathi sokufunda ukuze ziphuze.
Abacwaningi balandelele izingane ezingu-1 972 ezineminyaka ephakathi kwengu-12 kuya kwengu-18 nabazali bazo esikhathini esingangeminyaka eyisithupha ngo-2010 kuya ku-2016. Ngesikhathi kuqala ucwaningo, iningi lalezi zingane lalineminyaka engu12. Ngesikhathi kuphothulwa ucwaningo bese zineminyaka engaphezu kuka-17.
Kuvele ukuthi izingane ezikhule zinikwa utshwala bezingengcono kunalezo ezikhule zincishwa. Kunalokho, lezo ezikhule zinikwa utshwala abazali bazo bezisemathubeni amakhulu okuthola utshwala kwezinye izindawo uma ziqhathaniswa nalezo ebezincishwa utshwala.
Ngokwenhlangano yezempilo emhlabeni iWorld Health Organisation (WHO), iningi lezigameko zokufa kwabantu emhlabeni zidalwa ukuphuza amanzi amponjwana.
USolwazi Richard Mattick, wesikhungo semfundo e-University of New South Wales, e-Australia obengomunye wabacwaningi, uthe emazweni amaningi abazali yibona abanika izingane utshwala zigcine seziba yizidakwa sezindala.
Uthe lolu cwaningo lungolokuqala ukubheka umthelela womkhuba wabazali wokunika izingane zabo utshwala zisencane.
“Ucwaningo lwethu olokuqala ukuthi luphenye ngomthelela wokuthi abazali banike izingane utshwala. Luthole ukuthi lokhu kunomthelela ongemuhle kulezi zingane ezinikwa utshwala uma kuqhathaniswa nalezo ezinganikwa utshwala,” kusho uSolwazi Mattick.
Uthe ohulumeni bamazwe bagxile kakhulu ekuqwashiseni ngobungozi bokuphuza utshwala kubafundi ezikoleni.
Baphinde bagxile ekuqiniseni imithetho engamele iminyaka evumelekile yokuthenga utshwala ezinganeni kodwa abayinaki eyabazali abanika izingane zabo utshwala.