Abantu abathathelwe izinyathelo emuva kwamakhomishini
NJENGOBA unyaka u-2018 usuqalile, nawo uzokuba nezigigaba zawo njengeminye iminyaka. Noma kunjalo, ayikho into ecasula njengokuthi abantu abayizisebenzi zomphakathi nezikhulu, benze noma ngabe yini abayithandayo, bese kumoshwa isikhathi nemali sekufanele baphendule kumakhomishini.
Lapha singabala izikhulu ezitholakala zivele ngamakhanda enkohlakalweni yokudla imali yabakhokhi bentela.
Aseyinqwaba amakhomishini asangulwa ngenhloso yokuthola ngokwenzeka kubulawa abantu, kudliwa imali yabakhokhi bentela nokunye.
Kuyimanje kuqale unyaka nje, kunezigcawu eziningi lapho kuphenywa khona abantu ngezenzo zokubulawa kwabantu nokudliwa kwemali.
Ezinye zalezi zigcawu ngesikajaji Dikgang Moseneke esiphenya ngokufa kwenqwaba yeziguli ezingaphilile ngokuphelele emqondweni, ezasuswa eLife Esidimeni eGoli, zayiswa ezikhungweni ezingabhalisiwe ngokusemthethweni futhi ezazingekho ezingeni lokuthi zazingamukela lezi ziguli ngokwezidingo zazo.
Kuyimanje kunabathile abavele phambi kwamakomiti asePhalamende abathinteka ekubhedeni kwezinto ezinkampanini zikahulumeni njenge-Eskom.
Okubuhlungu ngamakhomishini ahlale esungulwa wukuthi akukho okubambekayo okungathiwa abebesolwa bathathelwa izinyathelo zomthetho.
Kuphela nje, kukhishwa enye imali kuthiwa kuyaphenywa.
Yingakho ubona abasolwa bezikhulumela umathanda kumakhomishini futhi bengawahloniphi ngoba basuke bazi ukuthi azikho izinyathelo zomthetho abazothathelwa zona.
Asisho ukuthi abenzi bobubi abangaveli phambi kwamakhomishini noma emakomitini afanele.
Kodwa okubalulekile wukuthi akubonakale nabo beqondiswa ubugwegwe ngendlela efanele, ukuze nabanye ababonayo besabe ukwenza okuphambene nokulunga.
Ngaleyo ndlela amakhomishini ayokuba nesithunzi ahlonishwe yiwo wonke umuntu.