UZodwa Wabantu akayingeni eyokushikilela uVolos mahhala
UKUBA kuya ngami ngabe abantu besifazane abasayichithi imali yabo bethenga izingubo zokugqoka ezibizayo ngoba amadoda ajatshuliswa ukubona abesifazane beveze imizimba. Isibonelo sale nto engikhuluma ngayo nguZodwa wabantu odume ngokugqoka izingubo eziyimisweswana eziveza ingxenye enkulu yomzimba wakhe. Kangikhathali ngisho umuntu wesifazane angagqoka ingubo yakhe yezimali ezishisiwe kodwa uma sekufike uZodwa ukhala ngaphansi, abantu bajike babaze ubuhle bomzimba kamaZodwana. OkaVolos ubone kufanele ukuthi axoxe nomaZodwana ongumzondo kubantu besifazane kodwa ofana noju lwezinyosi emadodeni.
Volos: Hello Zodwa Wabantu! Ngicela ungiphe isipho sokuqala konyaka ngokuthi ungivoshozele mntakaMa.
Zodwa: Ayibo awukahle wena Volos sewusho ukuthi sengingavele ngikushikilele khona lapha emgwaqweni kubuka abantu?
Volos: Ngokuzwa kwami kuthiwa ungumuntu ongenawo amahloni, kungenxa yaleso sizathu ngicela ukuthi ungiwashise amehlo kubuka wonke umuntu.
Zodwa: Sorry mntakaMa uhambe kabi ngoba uZodwa akahambi eshikila emgwaqweni kodwa unezindawo ashikila kuzona uma ekhokhelwe imali.
Volos: Hhawu Zodwa kanti unjani ngoba mina ngazi ukuthi uzivoshozela mahhala ngobuthanda ukujabulisa amadoda.
Zodwa: Uma ucabanga kanjalo wenza iphutha ngoba mina ngisebenza imali, uma indoda ifisa ukuwasha amehlo ngomzimba kaZodwa kufanele yazi ukuthi kuyakhokhwa ayikho into yamhhala.
Volos: Kunodaba obelusematheni lokuthi uCeleste Ntuli ushiye angalazi kuwena ethi kuyamcika ukuthi kunabesifazane abafana nawe abathola udumo ngokuthi bayadunusa bangazigqokile nezikhinjana zangaphansi.
Zodwa: Uyazi mina ngiyehluleka ukuqonda ukuthi uCeleste ungena kuphi ekutheni ngiyasigqoka noma angisigqoki isikhinjana sangaphansi. Ngokubona kwami uCeleste uzidlalela umona wokubona ukuthi nginomzimba omuhle ohlanyisa abantu besilisa.
Volos: UCeleste ukhala kakhulu ngokuthi ugovoza ungadilozile, lokhu okuholela ekutheni abantu besifazane babukeleke phansi.
Zodwa: Ngicela uCeleste ayeke ukuhamba engihleba ngoba akakaze angibone ngigovozile, uma yena efuna ukubona ukuthi ngivoshoza kanjani kumele azinike isikhathi azongibona ukuthi angidunusi kodwa ngiyashikila. Volos: MaZodwana kuyiqiniso esingeliphike ukuthi abesifazane abaningi abakuthandi lokushikila kwakho okunomkhuba phakathi.
Zodwa: Benziwa wukuthi banomona besaba ukuthi ngizobathathela amadoda kanti mina angikho lapho ngoba ngisuke ngisebenza uma ngishikilela amadoda.
Volos: Ngebhadi lami angikaze ngibe senhlanhleni yokukubona ushikila lo mshikilo wakho kodwa ngizwa kuthiwa uma usugila izimanga zakho uhamba uqhebenyeke udlalise iqolo ulishebanise nokuvoshoza okuconsisa amathe emadodeni.
Zodwa: Yiyonanto engizondelwa yona-ke leyo yokuthi nginethalente lokuvoshoza ngishiye amadoda egezeke igilo, okufanele kucace wukuthi uma ngijabulisa amadoda ngisuke ngivusa imizwa yawo akukho okungaphezu kwalokho.
Volos: Uchaza ukuthi kulokhu kugovoza kwakho akukho okungafanele kuvele okugcina sekuvelile?
Zodwa: Lutho Volos, indlela engenza ngayo inobuchwepheshe obukhulu obenza umuntu ahlale elobiza ezitshela ukuthi kukhona into azoyibona agcine engabonanga lutho.
Volos: UMengameli uZuma usezwakalise ukungenami ngalo mkhuba wakho wokungasigqoki isikhinjana sangaphansi.
Zodwa: UZuma akufanele alalele abantu uma bengihleba bethi ngiyadunusa ngoba mina ngisuke ngishikila, ngikholwa wukuthi uMsholozi njengomuntu omdala uyazi ukuthi intombi isuke yenzani uma ishikilela izinsizwa.