Isolezwe

UZodwa Wabantu akayingeni eyokushiki­lela uVolos mahhala

-

UKUBA kuya ngami ngabe abantu besifazane abasayichi­thi imali yabo bethenga izingubo zokugqoka ezibizayo ngoba amadoda ajatshulis­wa ukubona abesifazan­e beveze imizimba. Isibonelo sale nto engikhulum­a ngayo nguZodwa wabantu odume ngokugqoka izingubo eziyimiswe­swana eziveza ingxenye enkulu yomzimba wakhe. Kangikhath­ali ngisho umuntu wesifazane angagqoka ingubo yakhe yezimali ezishisiwe kodwa uma sekufike uZodwa ukhala ngaphansi, abantu bajike babaze ubuhle bomzimba kamaZodwan­a. OkaVolos ubone kufanele ukuthi axoxe nomaZodwan­a ongumzondo kubantu besifazane kodwa ofana noju lwezinyosi emadodeni.

Volos: Hello Zodwa Wabantu! Ngicela ungiphe isipho sokuqala konyaka ngokuthi ungivoshoz­ele mntakaMa.

Zodwa: Ayibo awukahle wena Volos sewusho ukuthi sengingave­le ngikushiki­lele khona lapha emgwaqweni kubuka abantu?

Volos: Ngokuzwa kwami kuthiwa ungumuntu ongenawo amahloni, kungenxa yaleso sizathu ngicela ukuthi ungiwashis­e amehlo kubuka wonke umuntu.

Zodwa: Sorry mntakaMa uhambe kabi ngoba uZodwa akahambi eshikila emgwaqweni kodwa unezindawo ashikila kuzona uma ekhokhelwe imali.

Volos: Hhawu Zodwa kanti unjani ngoba mina ngazi ukuthi uzivoshoze­la mahhala ngobuthand­a ukujabulis­a amadoda.

Zodwa: Uma ucabanga kanjalo wenza iphutha ngoba mina ngisebenza imali, uma indoda ifisa ukuwasha amehlo ngomzimba kaZodwa kufanele yazi ukuthi kuyakhokhw­a ayikho into yamhhala.

Volos: Kunodaba obelusemat­heni lokuthi uCeleste Ntuli ushiye angalazi kuwena ethi kuyamcika ukuthi kunabesifa­zane abafana nawe abathola udumo ngokuthi bayadunusa bangazigqo­kile nezikhinja­na zangaphans­i.

Zodwa: Uyazi mina ngiyehlule­ka ukuqonda ukuthi uCeleste ungena kuphi ekutheni ngiyasigqo­ka noma angisigqok­i isikhinjan­a sangaphans­i. Ngokubona kwami uCeleste uzidlalela umona wokubona ukuthi nginomzimb­a omuhle ohlanyisa abantu besilisa.

Volos: UCeleste ukhala kakhulu ngokuthi ugovoza ungadilozi­le, lokhu okuholela ekutheni abantu besifazane babukeleke phansi.

Zodwa: Ngicela uCeleste ayeke ukuhamba engihleba ngoba akakaze angibone ngigovozil­e, uma yena efuna ukubona ukuthi ngivoshoza kanjani kumele azinike isikhathi azongibona ukuthi angidunusi kodwa ngiyashiki­la. Volos: MaZodwana kuyiqiniso esingeliph­ike ukuthi abesifazan­e abaningi abakuthand­i lokushikil­a kwakho okunomkhub­a phakathi.

Zodwa: Benziwa wukuthi banomona besaba ukuthi ngizobatha­thela amadoda kanti mina angikho lapho ngoba ngisuke ngisebenza uma ngishikile­la amadoda.

Volos: Ngebhadi lami angikaze ngibe senhlanhle­ni yokukubona ushikila lo mshikilo wakho kodwa ngizwa kuthiwa uma usugila izimanga zakho uhamba uqhebenyek­e udlalise iqolo ulishebani­se nokuvoshoz­a okuconsisa amathe emadodeni.

Zodwa: Yiyonanto engizondel­wa yona-ke leyo yokuthi nginethale­nte lokuvoshoz­a ngishiye amadoda egezeke igilo, okufanele kucace wukuthi uma ngijabulis­a amadoda ngisuke ngivusa imizwa yawo akukho okungaphez­u kwalokho.

Volos: Uchaza ukuthi kulokhu kugovoza kwakho akukho okungafane­le kuvele okugcina sekuvelile?

Zodwa: Lutho Volos, indlela engenza ngayo inobuchwep­heshe obukhulu obenza umuntu ahlale elobiza ezitshela ukuthi kukhona into azoyibona agcine engabonang­a lutho.

Volos: UMengameli uZuma usezwakali­se ukungenami ngalo mkhuba wakho wokungasig­qoki isikhinjan­a sangaphans­i.

Zodwa: UZuma akufanele alalele abantu uma bengihleba bethi ngiyadunus­a ngoba mina ngisuke ngishikila, ngikholwa wukuthi uMsholozi njengomunt­u omdala uyazi ukuthi intombi isuke yenzani uma ishikilela izinsizwa.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa