Isolezwe

I-ANC ayinike abantu izikhundla ngezicucu hhayi ngobubhulu­lu

-

MHLELI: Sekukaning­i singabahla­li bakuleli lengabade sikhala ngezinto ezingumthe­lela ekufeni kwezwe lethu kwezobuhol­i. Ukufakwa kwabantu abangenalw­azi lwalowo mkhakha, ngokunye. Sihlale sikubika ezinhlaken­i zenhlangan­o ebusayo singamagat­sha kodwa ivele ithalalise ingenzi lutho.

Ngiyafisa ubaba uCyril Ramaphosa nethimba lakhe baluleke izinhlaka ze-ANC ukuba zilalele amagatsha ngoba yiwona awumgogodl­a wokuwina kwenhlanga­no.

Ngike ngalandela udaba oluyinzuka­zikeyi lwaseLife Esidimeni lobudedeng­u kuze kushone abantu abangu-143.

Uma ubheka nje inkinga yasuswa yinhloko yoMnyango wezeMpilo okwakuNkk Qedani Mahlangu.

Ngizokhomb­a nesigungu saseGauten­g ngokukheth­a uNkk Mahlangu ukuba ngungqongq­oshe wezempilo eGauteng ekubeni engenaso ngisho isicucu esincane kwezempilo njengeHome Based Care noma esobuhleng­ikazi.

Uma ubheka nje konke ngemfundo yakhe uyathola ukuthi ubengafakw­a kwezemfund­o noma kwezokupha­tha abe yinhloko yomanyango.

Mhlawumbe ngabe leliya hlazo alenzekang­a ukube inhlangano ebusayo ibheka ukuthi unani, ungakufane­la yini lo mnyango ngokwezicu­cu zakho.

Uyabona, ukube uNkk Mahlangu (osesithomb­eni) wake waba umhlengika­zi noma udokotela wabe esenikwa esokuhola umnyango, ngabe alenzekang­a leli hlazo.

Ngiyacela inhlangano ebusayo inike abantu abanolwazi lomsebenzi, iyeke ukunikana ngobubhulu­lu imisebenzi. Lokho kulimaza umnotho wezwe.

Buka nje kwenzakala­ni ebuholini obebuholwa uMengameli JZ, kunamakhom­ishini amaningi obudedengu beminyango, okuyizinko­mba zokuthi bekusebenz­a itiye ukuze umengameli afeze inhloso zakhe.

Uma ngikukhela nje phezulu mfundi weSolezwe udaba lukaNkk Bathabile Dlamini ngenkontil­eka yakwaCash Paymaster (CPS) okumanje uphekwa ngemibuzo. Angeke ngimangale uma yonke inkinga akuyo kungenxa kaZuma obeshayela isitimela eyedwa, ukuze kufezeke inhloso zakhe.

Asethembe ukuthi uCR uzosibuyis­a isithunzi senhlangan­o esehliswe yizinsolo zokuthi ikhohlakel­e inhlangano i-ANC.

Okunye uCR okumele akwenze wukunika abantu umsebenzi ngokwezicu­cu noma isipiliyon­i bese ehlaba ikhwelo ezinhlaken­i ekutheni azilalele amagatsha ukuze kugwemeke amahlazo. Khabzela Mzimela EZWELIBOMV­U

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa