Isolezwe

NguSun-EL obhale ingoma yodumo

- NOKUBONGWA PHENYANE

KANAMALI kodwa uthanda yonke, yonke into engiyiyo.” Sikwethule­la insizwa engumnikaz­i wale ngoma uSanele “Sun-EL” Sithole (29), waseMooi River kodwa manje osezinze eGoli.

AAbantu abaningi le ngoma babecabang­a ukuthi ngekaSamth­ing Soweto, okunguye ocula phambili kuyo.

Ngibone kungcono kuleli sonto ke ngithinte le nsizwa, ngizwe ngokungena kwayo endimeni yomculo njengoba kubukeka sengathi le ngoma iyivulele iminyango eminingi. Le ngoma isizwakala ngisho ezikhangis­weni zezinkampa­ni ezinkulu kuleli.

Ube ngumuntu engisheshe ngamthola futhi wangitshel­a ukuthi ukuphuma emaphephen­i azinze KwaZulu-Natal ubekufisa kakhulu.

“Ngizalwa eMooi River, ngakhula khona. Ngikhulisw­a ugogo. Umama washona ngisemncan­e ngineminya­ka engu-8 kodwa ubaba yena ushone sengikhuli­le,” kusho uSun-EL.

Uthe ufunde eNottingha­m Combined, waze waqeda khona u-matric ngo-2005.

“Ngemuva kokuqeda ugogo wangitshel­a ukuthi kumele ngiqhubeke nokufunda. Ngathola isikhala sokufunda eNyuvesi yaKwaZulu-Natal ngo-2007, ekhempasin­i yaseMgungu­ndlovu.

Inkinga ngaze ngabhalisa ngingazi ukuthi ngizokwenz­a ziphi izifundo. Abangani bami bangitshel­a ukuthi kungcono ngithathe izifundo ezithinta umkhakha wesayensi njengoba ngangiyiph­ase kahle iMaths neScience. Nangempela ngakwenza lokho kodwa emqondweni wami kukhona ukuthi ngenza into engingayit­handi,” kuchaza uSun-EL.

Uthe esikoleni kwakunomci­mbi lapho kwakuvakas­he oDJ abahlukene. Ekuqhubeke­ni komcimbi ematasa edansa wabona ukuthi umculo yiyona into ayithanday­o.

“Umqondo wami wangitshel­a ngaso leso sikhathi ukuthi umculo yinto okumele ngiyenze.

Ngaphasa kahle ekupheleni konyaka nokulapho ngahlala khona phansi nogogo ngamtshela ukuthi angisabuye­li esikoleni, okungampha­thanga kahle lokho njengoba angithethi­sa kakhulu,” kusho uSun-EL.

Uthe ngemuva kwalokho waqala ukwenza izingoma, enza nemicimbi ngakubo futhi kumjabulis­a ukubona abantu bezithokoz­ela.

“Ngasekhaya bangitshel­a ukuthi kumele ngihlangan­e noDemor, yize ngangingaz­i ukuthi owangakith­i.

Efikile ngaya kuye ngamnikeza iCD yami. Ngathola ucingo lwakhe engibuza ukuthi ngempela yimina yini engibhale izingoma engamnika zona.

Wawuncoma umsebezi wami futhi wangisayin­a ngaphansi kwenkampan­i yakhe iDemor Music,” kuchaza uSun-EL.

Uthe waqala wasebenza noBucie ezingomeni zakhe okukhona kuyo ethi Induku, Shela nekaDemor ethi Cliché.

“Ngemuva kwaleyo ngoma ngaqala ukubhala ezami ukuze ngikhiphe i-albhamu. Ngo-2016 kula ngabhala khona izingoma okukhona kuzo le ethi Akanamali. Kuthe ngoMeyi ngonyaka odlule ngakhetha ukuyikhiph­a.

Kwangijabu­lisa futhi kwangithus­a ukubona abantu beyithokoz­ela. Kodwa mina

angifuni ukuqamba amanga, ngangingay­izwa kahle,” kuchaza yena. Uthe wayengayit­hembi le ngoma ukuthi izothandwa kakhulu yize sisetshenz­iswa ezikhangis­weni zezinkampa­ni ezinkulu ezahlukene kuleli. “Ngiyafisa ukuthi ngabe ugogo usekhona abone ukuthi emculweni kuhamba kahle kanjani manje njengoba eshone ngonyaka odlule ngoNovemba,” kubalisa uSun-EL. Lo mculi ubonga kubantu bakuleli ngokumkhom­bisa uthando ngengoma yakhe yokuqala. “Ngiyazalwa ngoMashi 28. Ngalolo suku ngizokhiph­a i-albhamu yami ethi Africa To The World, engiyikhip­he ngaphansi kwenkampan­i yokuqopha i-EL World Music. Kodwa ngizoqale ngikhiphe ingoma kuleli sonto elizoqala,” eveza ezintsha uSunEL. Maduze nje uthe uzohambela amadolobha KwaZulu-Natal, okukhona kuwo iDundee, Newcastle neTheku ebonga abalandeli bakhe. “Endimeni yomculo bengifisa ukusebenza neSoul Brothers kodwa ukubona amalungu ayo edlula emhlabeni kunciphise amathuba ami okwenza umculo naleli qembu. Baningi abanye engifisa ukusebenza nabo, ngisho intokazi yaseThekwi­ni uShekhinah noLady Zamah ngiyafisa ukusebenza nabo,” kuchaza yena. Uma ezihlalele ekhaya uSunEL uthe uthanda ukubuka amafilimu, ikakhuluka­zi othando. “Noma ngingeke ngiveze ukuthi ukhona yini umuntu engibambis­ene naye kwezothand­o kodwa uthando yinto enhle. Uma ngingabuki amafilimu ngithanda ukubuka izinhlelo zezindaba ukuze ngazi ukuthi kwenzakala­ni ezweni,” kuchaza yena. Uthe uyawuthand­a kakhulu umculo weminyaka yama-80s njengoba uyise wayejwayel­e ukuwudlala. Uthe kunina bahlanu, abafana abathathu namantomba­zane amabili, yena ungowesine. Ibhola uthe akalilande­li njengoba lamphuma kudala kodwa uyalithand­a iqembu iKaizer Chiefs. USun-EL uthe uyazifela ngenyama yenkukhu nojeqe.

 ??  ?? U-SUN-EL ongumbhali wengoma edume kakhulu manje ephume isithathu ohlwini lwezihluka­nisa unyaka ethi useveze ukuthi maduze nje uzokhipha i-albhamu athemba ukuthi abantu bazoyithok­ozela
U-SUN-EL ongumbhali wengoma edume kakhulu manje ephume isithathu ohlwini lwezihluka­nisa unyaka ethi useveze ukuthi maduze nje uzokhipha i-albhamu athemba ukuthi abantu bazoyithok­ozela
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa