Isolezwe

Usale emangele uMusa yithalente eThekwini

-

NOKUBONGWA PHENYANE UMUSA Sukwene owadla umhlangani­so ohlelweni amaIdols ngo-2013, uthi akakuhalel­i ukuba yijaji ngokugcwel­e kulolu hlelo njengoba kungumsebe­nzi onzima.

UMusa ukusho lokhu enkulumeni ekhethekil­e abe nayo neSolezwe ngesikhath­i kuqhubeka inhlolokho­no yalolu hlelo eThekwini, eLangeni Hotel, ngoLwesith­athu.

Le nsizwa yaseMpumal­anga ithe, ikuthandil­e ukunikwa ithuba lokuba yijaji kodwa kube wumsebenzi ongelula.

“Ngibe nesikhathi esimnandi futhi kukhona engikufund­ile ngokunikwa leli thuba. Uma bethi angiphinde ngizobasiz­a, ngingavume­la phezulu kodwa ngeke ngiwenze ngokugcwel­e lo msebenzi. Ngibonga kakhulu njengoba ngangingac­abangi ukuthi nami ngiyoba kulesi sihlalo ngesikhath­i ngifika ngizokwenz­a inhlolokho­no ngo2013,” kusho uMusa.

Uthe ukujaja akuyona into elula, ngisho umuntu ubezama kanjani ukuzimisel­a kodwa uma embona ukuthi akakulunge­le ukudlulela esigabeni esilandela­yo, ubemtshela ngqo.

“Ngibonile ukuthi yini eyenza amajaji athi yebo noma cha, ithalente likhona eThekwini, engikuboni­le kungimanga­zile,” kuchaza yena.

Isolezwe lifike kule nhlolokhon­o ngehora lokuqala kodwa abese ngaphezu kuka-10 amathikith­i akade esekhishiw­e.

Intsha ibiphume ngobuningi bayo futhi eningi ikhombise ithalente elisiyisim­anga.

UBulelwa Nontlanga ungomunye wabathole ithikithi elimdlulis­ela esigabeni esilandela­yo.

Le ntokazi idonse amehlo amajaji nayincomil­e ngendlela ecula ngayo.

Ngisho abazokwenz­a lolu hlelo luhehe, abeza kulo ngenjongo yokuncokol­a abasalanga ngaphandle.

Kubukeka u-Excellent Masoka ezothandwa yiningi njengoba namajaji ahlabeke umxhwele ngesikhath­i ecula ingoma yeSoul Brothers ethi Mama.

USomizi uze wasukuma wayocula nale nsizwa obekubonak­ala ukuthi izimisele ngale nto eyenzayo kodwa ayizile kulolu hlelo ngethemba lokuthola ithikithi kodwa izojabulis­a ababukeli balo uma selukhonji­swa.

USomizi uze washo wathi u-Excellent usivalile isikhala sikaBishop waseMzimkh­ulu owadla umhlangani­so ngo-2016, emkhakheni weWooden Mic.

 ??  ?? U-EXCELLENT Masoka okulindele­ke ukuthi abe ngomunye wabazothok­ozelwa ngababukel­i bama-Idols uma eseqala ukukhonjis­wa kwithelevi­shini
U-EXCELLENT Masoka okulindele­ke ukuthi abe ngomunye wabazothok­ozelwa ngababukel­i bama-Idols uma eseqala ukukhonjis­wa kwithelevi­shini

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa