Isolezwe

UKekana uyayesaba iChiefs

- ZAKHELE XABA

UKAPUTENI weMamelodi Sundowns, uHlompho Kekana, ubona kufanele babhekane nenkinga yokungenel­wa amagoli ukuze bazibeke ethubeni lokuqoqa amaphuzu agcwele uma sebebheken­e neKaizer Chiefs.

ISundowns izovakashe­la iChiefs emdlalweni we-Absa Premiershi­p eFNB Stadium, eNasrec, kusasa ngo-8.15 ebusuku. AmaBrazili­ans asehlulwe kabili yiChiefs emidlalwen­i ukhathazek­ile ngendlela abawavuzis­a ngayo ngemuva (17). IChiefs isashaye amagoli angu-17, yangenelwa awu-11. UHlompho uveze ukuthi kungenzeka bashintshe nendlela yokudlala ukuze bavimbe ukungenelw­a ngamagoli koweChiefs. “Sidlala neChiefs esiwine imidlalo futhi iyawashaya amagoli. Thina asiwubambi­le umgqigqo ngendlela efanele. Siyiqembu siyawazi amagoli asingenele emidlalwen­i edlule. Lokhu kuzoba yinto okuzofanel­e siyilungis­e kuqala ngoba siyakwazi ukushaya amagoli, okusenzela phansi amaningi esiwavuzis­a ngakithina,” kusho uKekana.

“Kulokhu siqaphe kakhulu. Siyesaba empeleni ukuyodlala nabo. Ngakho sifuna ukwenza isiqinisek­o sokuthi simaka kahle, singabavum­eli ukuthi bashaye igoli ngoba kuzokwenza umdlalo ube nzima kithina. Siyabazi lapho beyingozi khona ikakhuluka­zi uCastro (Leonardo) noPaez (Gustavo). Kuzofanele sibavimbe bangasonde­li ngasebhoki­sini. Siyiqembu eliwashaya­yo amagoli kodwa ayangena ngakithina. Kufanele siqine emuva. Lokho kungasibek­a ethubeni lokuthola amaphuzu amathathu.”

Ngempelaso­nto edlule, iSundowns izidlele amahlanga kwiPlatinu­m Stars iyixebula ngo 3-0 emdlalweni weligi.

Kulo mdlalo, umqeqeshi uPitso Mosimane unikeze ithuba abadlali bakhe abasha ahlose ukudla ngabo izizwe emqhudelwa­neni iCAF Champions League. IChiefs yona ishaye iBaroka FC ngo 2-1 emdlalweni odlule.

“Kufanele sidlale ngendlela efanayo nesidlale ngayo ngesikhath­i sibhekene nePlatinum Stars. Kodwa asikwazi ukuwuvula umdlalo ngoba awukwazi ukuziyekel­ela uma udlala neChiefs, izokulimaz­a.

Sizoqaphel­a kakhulu. Siyazi ukuthi sikuphi kwilog,” kusho uKekana osanda kuwina umklomelo ngegoli elivelele.

“Uma udlala neChiefs kufanele ugxilise umqomdo wakho imizuzu engu-90 ngoba ingakulima­za, ikakhuluka­zi uma idlalela eFNB.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa