Isolezwe

Owegqubu phakathi kweKings noThongath­i

- MINENHLE MKHIZE

UMGADLI weReal Kings uPhumelele “Ace” Bhengu usalubambe­le igqubu Uthongathi FC abazobheka­na nalo emdlalweni weNational First Division (NFD) obhekwe ngabomvu kusasa ngo-3.30 ntambama ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.

Emzuliswan­eni wokuqala Uthongathi lwamangaza abaningi luqumba phansi iKings ngo 2-0. Uthongathi olusanda kufika kwiNFD luhambela phezulu ngemuva kokuthela othulini iJomo Cosmos ngo 1-0 ngesonto eledlule eMagogo.

I-Kings ngakolunye uhlangothi isefomini selokhu kuqale unyaka. Iguqise iCosmos ngo 1-0 yadlala ngokulinga­na ngo 1-1 neHighland­s Park ehlezi esicongwen­i kwathi ngeledlule yatalabha iSuper Eagles ngo 3-1 ekhaya.

Umakadebon­a womgadli weKings uBhengu utshele Isolezwe ukuthi abakhohliw­e okwenziwa Uthongathi behlangene emzuliswan­eni wokuqala.

“Into emqoka kithina wukubhekan­a nomdlalo owodwa ngesikhath­i. Abakwenza kithina kubuka izwe lonke kwithelevi­shini sisakukhum­bula. Kulokhu kufanele kukhale esethu isichathul­o. Ngeke kube lula kodwa sifuna ukugcina umgqigqo wethu omuhle wokuqoqa amaphuzu,” kusho uBhengu.

I-Kings isendaweni yesibili kwi-log yeNFD ngamaphuzu angu-31 emidlalwen­i engu-18. Leli qembu lihlukanis­we amaphuzu ayisithuph­a neHighland­s Park eqhwakele kwi-log.

“Ukuhlala endaweni yesibili kwi-log kuyasigqug­quzela. Iqembu lethu lisha futhi lisafuna ukuzakhela igama. Konke kubukeka kuza kahle. Asizimisel­e ngokugxila kwiHighlan­ds ephezulu. Thina sifuna ukuqoqa amaphuzu kuze kuphele isizini, emuva kwalokho siyobe sesibona-ke ukuthi amaphuzu ebesiwaqoq­a asibeke kuphi. Thina sibhekana nomdlalo ngamunye ngaphandle kokuzifake­la ingcindezi,” kusho uBhengu.

Uthongathi luhlezi endaweni ka-11 kwi-log ngamaphuzu angu-20 ngemuva kwemidlalo engu-18.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa