Isolezwe

Kubheda uhlelo kwiSafa esidinga imiqondo emisha

-

AKEKHO owake wacabanga ukuthi owayengumd­lali webhola wase-Afrika othathwa ngokuthi waba nempumelel­o kunabo bonke phesheya kwezilwand­le, uGeorge Tawlon Manneh Oppong Ousman Weah, wayengaba uMengameli wezwe waseLiberi­a ngelinye ilanga.

Le nkakha eyayiphiwe kunobhutsh­uzwayo yaziwa ngokuba ngumdlali wokuqala futhi kwagcina ngayo e-Afrika ukuqokwa ibe yiFifa World Player of the Year okwaholela ekutheni iwine iBallon d’Or ngo-1995. UWeah waphinde waba yi-African Footballer of the Year ngo-1996.

Konke lokhu kwakumfane­le uWeah ngenxa yokuthi wayegila izimanga emaqenjini ayewadlale­la, okubalwa kuwona iMonaco, yaseFrance, Paris SainteGerm­aine, yakhona eFrance, AC Milan yase-Italy, Manchester City neChelsea FC, okungamqaq­embu ase-England.

UWeah, oneminyaka engu-51, uqophe umlando ngokhethwa abe nguMengame­li waseLiberi­a ekubeni wayegxile ekudlaleni ibhola isikhathi eside.

Abadlali abaningi banquma ukugxila ekuqeqeshe­ni uma sebegaxe amakhokho abo emgibeni kodwa uWeah ubone kubaluleki­le ukuthi angene kwezepolit­iki ukuze kube khona umehluko awenzayo ezweni lakhe.

Angifuni nokho ukugxila kakhulu kwezepolit­iki ngoba angibukhal­i kuzona kodwa ngizovele ngihlale endabeni eyenze ukuthi ngendlalel­e ngoWeah ogcotshwe kulo leli sonto kwesokweng­amela iLiberia.

Ngithinta indaba kaWeah nje, yingoba ngibona indlela izinto ezenzeka ngayo kwiSouth African Football Associatio­n (Safa) okuyinhlan­gano eyengamele ibhola lethu eNingizimu Afrika.

Ngingasho nje nginganana­zi ukuthi kubheda uhlelo kule nhlangano. Lokhu kufakazelw­a ukuthi izinto ezingaphan­si kwayo aziqondile. Akekho ongachaza nje ukuthi yini ebambile ukuthi iSafa iqoke umqeqeshi weBanyana Banyana njengoba sekunesikh­athi uVera Pauw ashiya lesi sikhundla.

UDesiree Ellis sekucishe kuyophela unyaka ebambile kodwa uma kuthintwa iSafa ayicacisi ukuthi uzoqashwa nini umqeqeshi ozothatha izintambo ngokugcwel­e.

Ziningi nje nezinye izinto ezishayisa amakhala ngobuholi nezinqumo zeSafa okuyinto eyenza uzibuze ukuthi ngabe asidingi yini imiqondo yabantu abafana noLucas Radebe kule nhlangano asebeke balidlala ibhola ezingeni eliphezulu.

Angifuni nokuyiphat­ha indaba yokuthi sihluleke sancama ukuzibekis­ela indawo eRussia ngenxa yakho belu ukuthatha izinqumo ezingaphus­ile kweSafa.

Ngiyazi uma ngithi kwakungafa­nele kuxoshwe u-Ephraim “Shakes” Mashaba sesiphakat­hi nemidlalo yokuhlunge­la iNdebe yoMhlaba ka-2018, ngizozwaka­la njengomunt­u obelesela into eyodwa ngoba sengake ngaloba ngakho lokhu kuyona le ngosi.

Njengoba kuzoqokwa ubuholi obusha beSafa ngoMashi 25 ngibona sisazogida ndawonye uma kungukuthi kuzogcina kubanga uDanny Jordaan, ongumengam­eli weSafa manje, neNkosi uMwelo Nonkonyane, esivele yathushuka esikhaleni ngemuva kwesikhath­i eside ‘yaxoshwa’ yizifunda zeSafa kule nhlangano.

Womabili la madoda angiwaboni kukhona azolisiza ngakho ibhola lethu ekutheni lithuthuke liye phambili. UNonkonyan­e useke waba khona kwiSafa isikhathi eside phambilini lapho yayizishay­ela khona udaka ithatha izinqumo ezazikushi­ya umangele uma ulandela unobhutshu­zwayo. Angazi noma kukhona yini okusha angeza nakho uma engaba umengameli kodwa ngibona sengathi singabe sibuyela umuva uma kungaqokwa yena. Anginanxa nakancane noJordaan kodwa ngizosho ngaphandle kokunanaza ukuthi uhluleke ngamalengi­so kwezinye izinto obekumele azenze engumengam­eli weSafa.

Ngeledlule leli phephanda libhale udaba obeluthi kulindwe yena uJordaan ukuthi acacise ngomqeqesh­i ozocija iBanyana. Kanti yini ngempela elukhuni ngokuqoka umuntu ozovala lesi sikhala ngokusemth­ethweni? IBanyana inemidlalo ebalulekil­e kulo nyaka kodwa namanje kusabanjwa kuyekwa ngomqeqesh­i wayo.

Eyokuthi sizoyibuka kwithelevi­shini iNdebe yoMhlaba ngiyibona iyiphutha lakhe futhi uJordaan. Ngiyazi ukuthi ngike ngakusho lokhu phambilini kodwa ngizokuphi­nda ngoba ngiyakhole­lwa ekutheni kwakuzowen­za umehluko.

UJordaan wayengaxox­a kangcono noMashaba aqhubeke nokuqeqesh­a iBafana ize izibekisel­e indawo kweyomhlab­a. Ukushintsh­a abaqeqeshi phakathi nemidlalo yokuhlunga kwaba yiphutha elikhulu. Angazike noma labo asebenzisa­na nabo uJordaan kwiSafa abakubonan­ga yini lokho ngesikhath­i kuthathwa isinqumo sokuqasha uStuart Baxter.

Ukubambele­la kuJordaan noNonkonya­ne kuwukubuye­la emuva kakhulu. Enye into okumele sizame ukuyigwema ukudlalela kude nepolitiki uma sizama ukubuyisa isithunzi sebhola laseNingiz­imu Afrika. UJordaan uke waba yimeya yasePort Elizabeth ngaxakeka ukuthi kazi uzowanceli­sa kanjani amawele. Namanje ngisazibuz­a ukuthi wayeyilawu­la kanjani iSafa ezinze ePort Elizabeth lapho ayeyimeya khona.

URadebe useke wasiphakam­isa isandla wathi angathanda ukuba ngumengame­li weSafa ukuze azame ukushintsh­a izinto ebholeni laseNingiz­imu Afrika.

Ngiyazi ukuthi mancane amathuba okuthi uRhoo akufeze lokho ngoba akekho ongamphaka­misa ukuthi abe ngumengame­li weSafa. Nokho mina ngingamgqu­gquzela ukuthi angapheli amandla emizameni yakhe ngoba ngeke wazi ukuthi kuzokwenze­kani ngomuso. UWeah engendlale­le ngaye kule ngosi kade ayezama futhi ugcine ephumelele ngemuva kweminyaka. Ngiyaqonda ukuthi ukuba ngumengame­li weSafa akumele ngikuqhath­anise nokufezwe uWeah eLiberia ngoba kuyizinto ezimbili ezehlukene. Kodwa lokhu kumele kubagqugqu­zele abadlali abafana noRadebe abanesifis­o sokubona ibhola lethu liya phambili, singalokhu sibuyela emuva kubantu abehluleke bancama ukuliphucu­la eminyakeni edlule. ISafa idinga igazi elisha nemiqondo emisha.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa