UKekana uyayesaba iChiefs
UKAPUTENI weMamelodi Sundowns, uHlompho Kekana, ubona kufanele babhekane nenkinga yokungenelwa amagoli ukuze bazibeke ethubeni lokuqoqa amaphuzu agcwele uma sebebhekene neKaizer Chiefs.
ISundowns izovakashela iChiefs emdlalweni we-Absa Premiership eFNB Stadium, eNasrec, kusasa ngo-8.15 ebusuku. AmaBrazilians asehlulwe kabili yiChiefs emidlalweni ukhathazekile ngendlela abawavuzisa ngayo ngemuva (17). IChiefs isashaye amagoli angu-17, yangenelwa awu-11. UHlompho uveze ukuthi kungenzeka bashintshe nendlela yokudlala ukuze bavimbe ukungenelwa ngamagoli koweChiefs. “Sidlala neChiefs esiwine imidlalo futhi iyawashaya amagoli. Thina asiwubambile umgqigqo ngendlela efanele. Siyiqembu siyawazi amagoli asingenele emidlalweni edlule. Lokhu kuzoba yinto okuzofanele siyilungise kuqala ngoba siyakwazi ukushaya amagoli, okusenzela phansi amaningi esiwavuzisa ngakithina,” kusho uKekana.
“Kulokhu siqaphe kakhulu. Siyesaba empeleni ukuyodlala nabo. Ngakho sifuna ukwenza isiqiniseko sokuthi simaka kahle, singabavumeli ukuthi bashaye igoli ngoba kuzokwenza umdlalo ube nzima kithina. Siyabazi lapho beyingozi khona ikakhulukazi uCastro (Leonardo) noPaez (Gustavo). Kuzofanele sibavimbe bangasondeli ngasebhokisini. Siyiqembu eliwashayayo amagoli kodwa ayangena ngakithina. Kufanele siqine emuva. Lokho kungasibeka ethubeni lokuthola amaphuzu amathathu.”
Ngempelasonto edlule, iSundowns izidlele amahlanga kwiPlatinum Stars iyixebula ngo 3-0 emdlalweni weligi.
Kulo mdlalo, umqeqeshi uPitso Mosimane unikeze ithuba abadlali bakhe abasha ahlose ukudla ngabo izizwe emqhudelwaneni iCAF Champions League. IChiefs yona ishaye iBaroka FC ngo 2-1 emdlalweni odlule.
“Kufanele sidlale ngendlela efanayo nesidlale ngayo ngesikhathi sibhekene nePlatinum Stars. Kodwa asikwazi ukuwuvula umdlalo ngoba awukwazi ukuziyekelela uma udlala neChiefs, izokulimaza.
Sizoqaphela kakhulu. Siyazi ukuthi sikuphi kwilog,” kusho uKekana osanda kuwina umklomelo ngegoli elivelele.
“Uma udlala neChiefs kufanele ugxilise umqomdo wakho imizuzu engu-90 ngoba ingakulimaza, ikakhulukazi uma idlalela eFNB.