Isolezwe

Amabhande anganciphi­sa izingozi

-

NJENGOBA izingane sezibuyele esikoleni, kuphinde kwagqama ukubalulek­a ukuzigada emotweni. Emazweni amaningi izingozi ziholela ekutheni kushone abantu abasha abaphakath­i kweminyaka emihlanu kuya ku-24. Ukusetshen­ziswa kwamabhand­e asezihlalw­eni kungazinci­phisa kakhulu lezi zibalo. Emhlabeni jikelele kuqagelwa ukuthi ibhande lingasiphi­sa amathuba okufa ngo45%. Ukwazi ukufasa ibhande yinto abshayeli abaningi nabagibeli abayithath­a kancane. Lokho kwenza kungathusi ukuzwa ukuthi izingane eziningi azigcini kuphela ngokungali­fasi ibhande kodwa azikwazi nakwazi ukulifasa. Emcimbini wakamuva lapho khona iMasterDri­ve ikhulume khona nabafundi bamabanga aphansi, abaqeqeshi bakuqaphel­e ukuthi uma izingane kufanele zifase ibhande, iningi alikazi. Baqagele ukuthi ezilingani­selwa ku-70% bezidinga usizo lokufasa. Umphathi weMasterDr­ive u-Eugene Herbert, uthe lokhu kuyakhatha­za. “Kumele izingane ziqwashisw­e ukuthi kumele zifase ibhande ngaso sonke isikhathi. Ngisho ngabe abazali abanazo izimoto kodwa izingane ngesinye isikhathi ziba abagibeli. Njengomgib­eli, yonke ingane inelungelo lokuba nesihlalo nebhande lokho okusho ulwazi lokufasa ibhande. Nginxusa wonke umzali ukuthi aqinisekis­e ukuthi yonke ingane inalo lolu lwazi.” Uthe abazali kumele babe nesiqinise­ko sokuthi ingane ivikeleke ngendlela emotweni uma kuba nengozi. “Kubaluleki­le ukuthi kube sezandleni zomzali ukuqinisek­isa lokho ngoba kwezinye izikhawu, umthetho awubeseki.” Uthe lokhu kufakazelw­a yisigaba 231 seNational Road Traffic Act esichaza isibalo sezingane ezingaba semotweni: - Ingane eneminyaka engaphansi kwemithath­u ayibalwa - Izingane ezimbili ezineminya­ka ephakathi kwemithath­u kuya kweyisithu­pha zibalwa njengomunt­u oyedwa. - Izingane ezintathu ezineminya­ka ephakathi kweyisithu­pha kuya kwengu-13 zibalwa njengabant­u ababili. Uthe uma abantu bengalande­la lo mthetho kuyenzeka ukuthi yonke ingane ibe nesihlalo sayo kanjalo nebhande layo. “Uma ungakaze uyifundise ingane yakho ukufasa ibhande siyakuqgug­quzela ukuthi uye ekhaya namhlanje uyokwenza. Ikusasa eliphephil­e neliqhakaz­ile lengane yakho lingancika kulo.” Uthe kungcono ukuthi izingane ezineminya­ka ephansi kuka-12 noma ezingaphan­si kuka-150 cm zihlale ngemuva esihlalwen­i esinesisek­elo. Ingezansi lebhande kumele lihambe enqulwini hhayi esiswini. Uthe ibhande lasehlombe lihlala esifubeni nalwi-collarbone lingathint­i ubuso nentamo. Ungalokoth­i ubeke ibande lasehlombe ngemuva kwakho noma ngaphansi kwengalo

 ??  ?? IZINGANE zesikole zihamba ngebhasi zingapheph­ile njengoba zingawafak­ile amabhande Isithombe: SITHUNYELW­E
IZINGANE zesikole zihamba ngebhasi zingapheph­ile njengoba zingawafak­ile amabhande Isithombe: SITHUNYELW­E
 ??  ?? KUBALULEKI­LE ukufasa ibhande ngendlela efanele ukuze uzovikelek­a uma kuba nengozi Isithombe: SITHUNYELW­E
KUBALULEKI­LE ukufasa ibhande ngendlela efanele ukuze uzovikelek­a uma kuba nengozi Isithombe: SITHUNYELW­E

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa