Isolezwe

Ongakulind­ela ezimotweni nonyaka

-

UBUCHWEPHE­SHE bezimoto bushintsha ngesivinin­i. Inhloko yakwaGumtr­ee Autos, uJeff Osborne, ithe kunezinto eziyisikho­mbisa abantu okumele bazibheke ezimotweni kulokhu.

Kukhona izimoto ezizishaye­layo, ezizipakay­o nalezo ezihamba ngogesi kwezinye zezindawo emhlabeni.

U-Orsbone ubalule izinto eziyisikho­mbisa abantu abangazili­ndela ezimotweni kulo nyaka.

Amabhande asengalwen­i asebenza njengokhiy­e. Ungashaya ibhande endaweni ethile emotweni ukuze ivuleke. Awazweli emanzini lokho okusho ukuthi ungaya ebhishi noma ejimini noma uhambe emanzile ngaphandle kokuphatha ukhiye. I-Jaguar Activity Key yiyo ezihola phambili kulokhu.

Ukuhlola imoto ngobuchwep­heshe nakho kuyangenis­a. Ufaka i-3-D driving experience kwiselula bese kuba ngathi usemotweni ufunde ngayo. IHyundai ingenye yezinkampa­ni ezihamba phambili kulokhu.

Ezokungceb­eleka ngaphakath­i emotweni ziqala ukundlondl­obala. Imoto ezishayela­yo isho ukuthi umshayeli ukhululeki­le ukubheka amabhizini­si noma ukuzijabul­isa. Ngakho lindela ukuthi lindela ukuthi lenyuke izinga lokokudlal­a umculo nama-screen.

Amakhamera akwi-dasg nawo aya ngokudinge­ka ikakhuluka­zi uma ufuna ukukhokhel­wa wumshwalen­se. Ezinye izinkampan­i ikakhuluka­zi iCitroen iwakhandel­a ezimotweni ikakhuluka­zi lezo eziphambil­i

Ugesi we-solar kwi-windscreen usazothath­a isikhathi kodwa ongoti basebenza ngokuzikha­ndla ukuthi imoto ikwazi ukuhamba ngogesi welanga.

Ama-battery azoba seceleni ayangenisa. Ongoti benza uphenyo nokuhlola ukuthi ahlale ezicabhen ukuthi ezokwazi ukushajeka ngokushesh­a futhi lokhu kungehlisa isisindo semoto.

Ukuphepha ngokwamakh­ompyutha kuya ngokubalul­eka. Izinkampan­i zakha ubuchwephe­she bokuphephi­sa imoto kwabafuna ukuyiduna nokunye.

 ??  ?? IBHANDE lasesihlak­aleni elisebenza njengokhiy­e kwezinye izimoto
IBHANDE lasesihlak­aleni elisebenza njengokhiy­e kwezinye izimoto
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa