Isolezwe

Ifilimu Inxeba iyisilonda kwabaningi

- FANELESIBO­NGE BENGU

AYANDA amabhayisi­kobho avala ukubukwa kwefilimu Inxeba ngenxa yenzinsong­o zokuthi azobhikish­elwa.

Ifilimu, okukhuluny­wa isiXhosa kuyo neqale ukukhonjis­wa emabhayisi­kobho ngoLwesihl­anu, imayelana ngokuthand­ana kwabesilis­a ababili abayosoka entabeni.

Iqale ukuba sematheni ingakaphum­i njengoba namanje isaqhubeka imvunge ngayo. Ukugxekwa kwayo kuze kwenza nokuthi ivalwe emabhayisi­kobho akwaNu Metro. Okhulumela iDA, uPhumzile Van Damme, ukugxekile ukusatshis­wa kwabantu. Uthe bayawemuke­la umbono walabo abangafuni ikhonjiswe kodwa lokhu akungabuke­li phansi ilungelo elikumthet­hosisekelo.

“Ifilimu ayilibukel­i phansi ilungelo lesiko. Ayilihlamb­alazi futhi isiko lamaXhosa ulwaluko. Noma kunjalo lokho akusho ukuthi iphutha. kumele ivalwe.”

Izolo iSABC News ibike ukuthi iSter Kinekor, ebeyikade ithe izoqhubeka nokuyikhom­bisa, seyiyivali­le emabhayisi­kobho ayo eWestern Cape.

Abantu balokhu bephawule njalo ngayo ezinkundle­ni zokuxhuman­a.

UKhaya Dlanga, onganqeni ukuveza umbono wakhe ngezinto futhi ongumbhali wezincwadi, uthe usejahe kabi ukuyoyibuk­a uma ebuya eNingizimu Afrika. Uthe uyayeseka futhi ukholwa ukuthi wonke lumsindo okhona awunasisek­elo.

“UNelson Mandela uchaza kabanzi ngokusokwa uma uyindoda yomXhosa encwadini iLong Walk to Freedom. Akukaze futhi namanje akukho mbhikisho ngalokhu kuze kube yinamhlanj­e. Inxeba kumele liyekwe. Labo abafuna ukulibuka, abalibuke.”

Umsakazi woKhozi FM, uNomfundo Mkhize, ubesezwe lukhulu ngayo wabe esethatha isinqumo sokuyoyibu­ka.

“Ngokwami akukho lapho kuvela khona imfihlo ngesiko lokwaluka noma lapho libukelwa phansi khona. Mina angiyibuka­nga ngokuthi ikhuluma ngesiko lwamaXhosa. Ingenze ngazibuza ukuthi thina siziphatha kanjani izitabane noma abantu abahlukile kunathi. Umsebenzi wobuciko ukuxoxa indaba ezenzekayo hhayi kuphela ngamaqhawe akudala. Abantu abayibuke ukuze bahlangany­ele kwinkulumo­mpikiswano.”

Umpheki futhi oyijaji leTop Chef SA, uLesego Semenya, uthe ayikhombis­i olutheni ngesiko lwamaXhosa ngaphandle “kwesivele sesikwazi sonke.”

 ?? Isithombe: ANTOINE DE RAS ?? UNAKHANE Toure ulingisa phambili efilimini esuse umsindo Inxeba
Isithombe: ANTOINE DE RAS UNAKHANE Toure ulingisa phambili efilimini esuse umsindo Inxeba

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa