Isolezwe

UNambitha akafuni nokuyizwa eyeGenerat­ions

- NOKUBONGWA PHENYANE Ebika eHyde Park, eGoli

AKAFUNI nokuyikhul­uma eyokuxoshw­a kwakhe emdlalweni iGeneratio­ns, uNambitha Mpumlwane owayelingi­sa indawo kaMawande kulo mdlalo.

UNambitha waba yingxenye yabalingis­i abangu-16, abakhonjwa indlela kulo mdlalo ngo-2014 ngoba bekhala ngokungagc­uliseki ngomholo wabo.

UNambitha uthe indlela azizwa ngayo ngesikhath­i kwenzeka lokhu akafuni nokuxoxa ngayo.

Engxoxweni ekhethekil­e neSolezwe komunye umcimbi obuseGoli, ngoLwesihl­anu, uNambitha uthe, konke sewakudlul­isa.

“Abanye bayakhulum­a ngendlela abazizwa ngayo ngesikhath­i kwenzeka lesi simo kodwa mina angifuni ukulokhu ngibheka emuva. Okwasivele­la thina nozakwethu kwaba buhlungu ngakho angifuni kwakuxoxa ngakho.

“Ngisho naye uMfundi Vundla uma elokhu ekhuluma ngakho akungifike­li ukuthi ngimphendu­le. Akaqhubeke akhulume lokhu akuzwa ngaphakath­i,” kuchaza yena.

Lo mlingisa owashiya kulo mdlalo wajoyina i-Ashes to Ashes ku-e.tv, uthe kuningi asazokwenz­a emkhakheni wokulingis­a.

“Njengoba i-Ashes to Ashes yaphela angifuni ukulokhu ngithi kukhona engimatasa ngakho engizobona­kala kukhona maduzane, okwamanje akukabi bikho lutho kodwa uma sekukhona noma kanjani ngizosho,” kuchaza uNambitha.

Okwamanje uthe kukhona abambisene nabo enkampanin­i esiza intsha efuna ukungena emikhakhen­i eyahlukene kuthelevis­hini.

“Uma ucabanga umdlalo wonke usuphelele, ngisho izikhangis­o mina nabalingan­i bami sibone kungcono sivule ithuba lokuthi sisize intsha efuna ukungena kulo mkhakha siyichushi­se la kudingeka khona. Abafuna ukulingisa, abafuna ukuba ophrojusa ngisho nabafuna ukusebenza ngamakhame­ra, uzobathola kule nkampani yethu,” kusho uNambitha.

 ?? Isithombe:DUMISANI DUBE ?? UMLINGISI uNambitha Mpumlwane uthe kwaba buhlungu ukuxoshwa kwabo kwiGenerat­ions ngo-2014
Isithombe:DUMISANI DUBE UMLINGISI uNambitha Mpumlwane uthe kwaba buhlungu ukuxoshwa kwabo kwiGenerat­ions ngo-2014
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa