UNambitha akafuni nokuyizwa eyeGenerations
AKAFUNI nokuyikhuluma eyokuxoshwa kwakhe emdlalweni iGenerations, uNambitha Mpumlwane owayelingisa indawo kaMawande kulo mdlalo.
UNambitha waba yingxenye yabalingisi abangu-16, abakhonjwa indlela kulo mdlalo ngo-2014 ngoba bekhala ngokungagculiseki ngomholo wabo.
UNambitha uthe indlela azizwa ngayo ngesikhathi kwenzeka lokhu akafuni nokuxoxa ngayo.
Engxoxweni ekhethekile neSolezwe komunye umcimbi obuseGoli, ngoLwesihlanu, uNambitha uthe, konke sewakudlulisa.
“Abanye bayakhuluma ngendlela abazizwa ngayo ngesikhathi kwenzeka lesi simo kodwa mina angifuni ukulokhu ngibheka emuva. Okwasivelela thina nozakwethu kwaba buhlungu ngakho angifuni kwakuxoxa ngakho.
“Ngisho naye uMfundi Vundla uma elokhu ekhuluma ngakho akungifikeli ukuthi ngimphendule. Akaqhubeke akhulume lokhu akuzwa ngaphakathi,” kuchaza yena.
Lo mlingisa owashiya kulo mdlalo wajoyina i-Ashes to Ashes ku-e.tv, uthe kuningi asazokwenza emkhakheni wokulingisa.
“Njengoba i-Ashes to Ashes yaphela angifuni ukulokhu ngithi kukhona engimatasa ngakho engizobonakala kukhona maduzane, okwamanje akukabi bikho lutho kodwa uma sekukhona noma kanjani ngizosho,” kuchaza uNambitha.
Okwamanje uthe kukhona abambisene nabo enkampanini esiza intsha efuna ukungena emikhakheni eyahlukene kuthelevishini.
“Uma ucabanga umdlalo wonke usuphelele, ngisho izikhangiso mina nabalingani bami sibone kungcono sivule ithuba lokuthi sisize intsha efuna ukungena kulo mkhakha siyichushise la kudingeka khona. Abafuna ukulingisa, abafuna ukuba ophrojusa ngisho nabafuna ukusebenza ngamakhamera, uzobathola kule nkampani yethu,” kusho uNambitha.