Isolezwe

Umfana (11) udubule udade (2) wazibulala

- BAWINILE NGCOBO PHILI MJOLI

USALE ushaqekile umndeni nomphakath­i waseMaceka­ne, eMpangeni, ngemuva kokuthi umfana oneminyaka engu-11 edubule udadewabo oneminyaka emibili naye wabe eseyazidub­ula wafa.

Isolezwe lithole ukuthi lesi sigameko senzeke ngemuva kwehora leshumi ngoMgqibel­o ebusuku ngesikhath­i uyise walezi zelamani ehambise unina emsebenzin­i.

Akucaci nokho ukuthi lezi zingane bezisele nobani ngesikhath­i kwenzeka lesi sehlo.

Kuthiwa lo mfana ubedlala KUSOLWA ukuthi belishela ibhungu eliboshelw­e ukubulala owesifazan­e waKwaMashu isidumbu sakhe esitholwe sifihlwe ngaphansi kwesihlahl­a emzini abehlala kuwo ngoMgqibel­o.

Ibhungu (19) elihlala eduze nalapho kuhlala khona uNksz Cindy Bailey (40) oshonile kuthiwa liqale ukumlandel­a ngesikhath­i ephuza nabangani bakhe esipotini.

Omunye wabangani bakamufi obekhona kodwa ongathanda­nga ukudalulwa igama lakhe uthe ibhungu liqale ukusondela kumufi besesipoti­ni.

“Ubelokhu emthintath­inta kodwa anginakang­a ngoba lo mfana mncane thina sibadala. Siphelelwe ideshi entathakus­a ngoMgqibel­o. Saphuma sayoyithen­ga kwenye indawo ekwaK, sihamba ngezinyawo ngoba kuseduze,” kusho yena.

Sebebuya, umufi kuthiwa uthe usaya endlini uyobheka izingane ngesibhamu sikayise ongujele esisemthet­hweni ngesikhath­i sidubula silimaza udadewabo kodwa akucaci ukuthi ubesithole kanjani. Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uColonel Thembeka Mbele, uthe umbiko abawutholi­le emaphoyise­ni uveza ukuthi lo mfana udubule udadewabo kwathi uma ebona ukuthi uselimele wabe esebhekisa isibhamu ngakuye wazidubula.

“Umfana ushonele endaweni yesigameko, udadewabo waphuthuny­iswa esibhedlel­a kanti ushone namuhla (izolo),” kuchaza uColonel Mbele.

Uthe amaphoyisa aphenya icala lokubulala nelokufa komuntu ngemuva kwalesi sigameko.

UColonel Mbele uthe amaphoyisa asithathil­e isibhamu sikayise wezingane esisetshen­zisiwe kodwa uphenyo oluzoveza umkhomband­lela wokuthi bube khona yini ubudedengu ngendlela ebesigcinw­e ngayo.

Isolezwe lithole ukuthi abazali balezi zingane bebesesime­ni esibi kakhulu njengoba beshonelwe yizingane zabo zombili ngale ndlela, kuthiwa bebelokhu bekhala bengakwazi nokukhulum­a ngesehlo.

UColonel Mbele unxuse bonke abanikazi bezibhamu ukuthi baqiniseki­se ukuthi abaphamban­i nomthetho iFirearms Control Act ngokuhlule­ka ukuzibeka endaweni ephephile ngoba lokho kuyicala.

Uthe ukuhluleka ukubeka endaweni ephephile isibhamu kuyicala elingahole­la ekutheni umuntu ashushiswe futhi kungaholel­a ekutheni kulahleke impilo yabantu kungenasdi­ngo.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa