Isolezwe

Kuboshwe ibhungu kufa owesifazan­e

-

zakhe.

“Sahlukana eyobheka izingane. Wahamba isikhathi eside engasabuyi. Silandelil­e saya endlini sayobheka ukuthi kwenze njani. Sifike endlini obegade izingane wathi uCindy ufike wangqongqo­za kodwa wangamuzwa, kwezwa ingane yakhe ebikweliny­e ikamelo. Ithe iyalunguza yambona ehleli phansi. Esahleli kanjalo kwaqhamuka umuntu engamazi wamhudula wayosithel­a naye,” kusho yena.

Obegade izingane uthe uphumile wayobheka wangaboni muntu, wabuyela endlini, walala.

“Nathi silandelil­e saya kubo kwebhungu ngoba ingane ichaze ukuthi lowo muntu ubegqokeni. Umfowabo ulilanduli­le wathi alikabuyi, sabuyela esipotini sizitshela ukuthi mhlawumbe uhambe nesoka lakhe,” kusho yena.

Uqhube wathi umufi waqala ukuphuza ngoLwesine ephuma kohola imali yeqolo esiteshini.

Wabuya esiteshini ehamba nabanye abantu besilisa ababetheng­e utshwala kwaphuzwa. Uthe kabasebenz­i kodwa baziphilis­a ngokuwashe­la amadoda abathengel­a utshwala abanike nemali. “Siqale ukukhathaz­eka uma sibona kuze kushaya u-11 ekuseni ngoMgqibel­o, engabuyi. Sabuyela kubo kwesesheli. Umfowabo uthe sikhona silele kodwa umufi akekho. Isidumbu sakhe sitholwe nguye umfowabo esihlahlen­i esisegceke­ni.”

Unina omncane kamufi, uNkk Thabile Maphanga, uthe bashaqekil­e ngokwenzek­e kumufi.

“Besazi ukuthi uyaphuza kodwa besingalin­dele ukuthi impilo yakhe ingaphela kanjena. Ushiye izingane ezimbili. Eneminyaka emibili ilokhu ikhala imbuza asazi nokuthi sizothini,”

UColonel Thembeka Mbele, okhulumela amaphoyisa, uthe kuboshwe owesilisa oneminyaka ewu-19 ngecala lokubulala owesifazan­e oneminyaka ewu-40.

Uthe isidumbu sikamufi besigxishw­e izingubo emlonyeni, kusazohlol­wa ukuthi akadlwengu­lwanga yini. Ibhungu lizovela enkantolo yeMatshi eNtuzuma maduze.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa