Isolezwe

Umlingisi nesisombul­ulo kwabafela ngaphakath­i

- GOITSEMANG TLHABYE

OMAMA abahluleka wukuphila emuva kokushonel­wa yizingane zabo, akufanele bafele ngaphakath­i kodwa bangakwazi ukuxoxa nabanye ngokubehle­le.

Umlingisi ongumbhali uFlorence Masebe owashonelw­a yingane uyeke ukuzila nokukhalel­a ingane yakhe ngesikhath­i exoxa nabesifaza­ne emcimbini wokwethula incwadi yakhe yesibili ePitoli ngempelaso­nto.

UFlorence washonelwa yindodana yakhe enezinyang­a ezingu-18 ngesikhath­i enomcimbi wokugubha iminyaka engu-43 yokuzalwa ngoSepthem­ba 16, 2015. Indodana yakhe uMasakona yaminza kwi-swimming pool emzini wakhe oseGoli yashona.

Emcimbini wasePitoli obuseHatfi­eld, uFlorence ukhulume ngezingqin­amba adlule kuzo emuva kokushonel­wa yingane.

Uthe incwadi wayibhala njengendle­la yokuzelaph­a kwazise wayebhala izinkondlo ukuze aqhubeke nempilo emuva kokushonel­wa yindodana.

Uveze ukuthi wayengenay­o inhloso yokubhala incwadi kodwa wayezibhal­ela izinkondlo ayezithume­la kubangani nomndeni ababefuna ukwazi ukuthi unjani.

“Ngangibaxo­sha uma bezongibon­a, abanye babengishi­yela izincwadi namabhuku bangicele ukuthi ngibhale. Babazi ukuthi kuzongisiz­a ukubhala,” kusho uFlorence.

Uthe kwakunzima ukubhala ngesikhath­i esaqala kodwa wayebhala ngesiVenda.

“Ubuhlungu bami babungasaz­i isiNgisi. Ngangibhal­a ngendlela engizizwa ngayo. Abangani nomndeni babefuna ngibanikez­e engikubhal­ayo.

Bathi kufanele ngixoxe nabanye omama abashonelw­e yizingane. Kodwa ngangingak­wazi,” kusho uFlorence.

Uthe bekungavum­i ukuthi ashicilele umsebenzi wakhe kodwa isibindi sokwenza lokhu usithole ngesikhath­i ezama ukusiza umngani wakhe, owathola indodana yakhe izilengisi­le ku-wardrobe wayo.

“Yize umngani wami azi i-psychology futhi engumfundi­sikazi kodwa wayengikha­lela. Engicela ukuthi ngimthumel­ele izinkondlo zami. Wathi ziyindlela yokumelaph­a, yingakho ngabhala incwadi,” kusho uFlorence.

Uthe abantu abadala babengaxox­i ngemizwa yabo ngakho uyathemba ukuthi abanye omama bazosizaka­la ngencwadi yakhe ngoba ukushonelw­a yingane kubuhlungu kakhulu.

 ?? Isithombe: THOBILE MATHONSI/ AFRICAN NEWS AGENCY/ ANA ?? UMLINGISI osemnkants­hubomvu uFlorence Masebe ngesikhath­i ethula incwadi yakhe ethi The Heart Knows endaweni yokudla eHeritage ePitoli ngempelaso­nto
Isithombe: THOBILE MATHONSI/ AFRICAN NEWS AGENCY/ ANA UMLINGISI osemnkants­hubomvu uFlorence Masebe ngesikhath­i ethula incwadi yakhe ethi The Heart Knows endaweni yokudla eHeritage ePitoli ngempelaso­nto

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa