Umlingisi nesisombululo kwabafela ngaphakathi
OMAMA abahluleka wukuphila emuva kokushonelwa yizingane zabo, akufanele bafele ngaphakathi kodwa bangakwazi ukuxoxa nabanye ngokubehlele.
Umlingisi ongumbhali uFlorence Masebe owashonelwa yingane uyeke ukuzila nokukhalela ingane yakhe ngesikhathi exoxa nabesifazane emcimbini wokwethula incwadi yakhe yesibili ePitoli ngempelasonto.
UFlorence washonelwa yindodana yakhe enezinyanga ezingu-18 ngesikhathi enomcimbi wokugubha iminyaka engu-43 yokuzalwa ngoSepthemba 16, 2015. Indodana yakhe uMasakona yaminza kwi-swimming pool emzini wakhe oseGoli yashona.
Emcimbini wasePitoli obuseHatfield, uFlorence ukhulume ngezingqinamba adlule kuzo emuva kokushonelwa yingane.
Uthe incwadi wayibhala njengendlela yokuzelapha kwazise wayebhala izinkondlo ukuze aqhubeke nempilo emuva kokushonelwa yindodana.
Uveze ukuthi wayengenayo inhloso yokubhala incwadi kodwa wayezibhalela izinkondlo ayezithumela kubangani nomndeni ababefuna ukwazi ukuthi unjani.
“Ngangibaxosha uma bezongibona, abanye babengishiyela izincwadi namabhuku bangicele ukuthi ngibhale. Babazi ukuthi kuzongisiza ukubhala,” kusho uFlorence.
Uthe kwakunzima ukubhala ngesikhathi esaqala kodwa wayebhala ngesiVenda.
“Ubuhlungu bami babungasazi isiNgisi. Ngangibhala ngendlela engizizwa ngayo. Abangani nomndeni babefuna ngibanikeze engikubhalayo.
Bathi kufanele ngixoxe nabanye omama abashonelwe yizingane. Kodwa ngangingakwazi,” kusho uFlorence.
Uthe bekungavumi ukuthi ashicilele umsebenzi wakhe kodwa isibindi sokwenza lokhu usithole ngesikhathi ezama ukusiza umngani wakhe, owathola indodana yakhe izilengisile ku-wardrobe wayo.
“Yize umngani wami azi i-psychology futhi engumfundisikazi kodwa wayengikhalela. Engicela ukuthi ngimthumelele izinkondlo zami. Wathi ziyindlela yokumelapha, yingakho ngabhala incwadi,” kusho uFlorence.
Uthe abantu abadala babengaxoxi ngemizwa yabo ngakho uyathemba ukuthi abanye omama bazosizakala ngencwadi yakhe ngoba ukushonelwa yingane kubuhlungu kakhulu.