Isolezwe

Kuhlehlisi­we ukufunda eDUT ngenxa yesiteleka

-

ngo-8.5%, umhlomulo wezindlu wenyuke ngoR200 nebhonasi kaR9000.

Izinyunyan­a zimi ekutheni zingemukel­a u-8.25% wokunyuswa komholo, umhlomulo wezindlu kaR400 nebhonasi kaR7500.

“Inyuvesi ayikho esimeni sokuthi inyusele abasebenzi ngokwesiph­akamiso sakamuva. Izinyunyan­a zifuna ukuthi udaba lwebhonasi lwenziwe lube yingxenye yezingxoxo zokunyusa umholo okwenza ukuthi izingxoxo zingayi phambili,” kusho uKhan.

UMnuz Milton Estrice okhulumela ikomiti elakhiwe yilezi zinyunyana uthe umqashi wenza ngamabomu ukuthi kube sengathi yibo abangafuni ukuthi isiteleka siphele.

“Ufuna ukusicinde­zela ukuthi sivume ukuthi lolu daba luze lulungiswe wumxazulul­i ozimele. Thina sithi lolu daba olwangapha­kathi, kumele luxoxwe ngaphakath­i. Sithi akubuyelwe etafuleni kuxoxwe ngendlela okuyiyo. Umqashi akangafiki ezingxoxwe­ni esethi angidluli esigabeni esithile ngoba nathi sifika nesiphakam­iso esiphuma kubasebenz­i kodwa uma izingxoxo ziqhubeka silokhu sishintsha,” kusho yena

Umengameli wesigungu sabafundi, uSiphelele Ngubane uthe yisinyathe­lo esihle ukuthi kungaqalwa ukufunda ngoba abafundi abasabhali­sile kule nyuvesi bangaphezu­lu kancane kukahhafu.

Uthe kulokhu kungqubuza­na ngabafundi abasenking­eni.

“Abafundi okumele banikezwe izindawo zokuhlala abakangeni ezindaweni zokuhlala. Konke kuhamba kancane. Ngaphezu kwalokho uma kuthiwa akufundwe, ubani ozofundisa njengoba abafundisi besesitele­keni? Ngokubona kwethu kusekude ukuthi le nyuvesi ibe sesimeni sokuqala ukufundisa. Abaphathi nezinyunya­na ababuyele etafuleni baqede udaba lweholo. Uma seluphothu­liwe kuzocaca ukuthi lesi sikhungo siya ngakuphi,” kusho yena.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa