Usizi phezu kolunye esikoleni samabanga aphansi
ZIYAQONGA izinkinga esikoleni samabanga aphansi esiseCornubia esineminyaka emibili sivuliwe.
Abafundi baseSolomon Mahlangu Primary abangu-900 babhala zonke izifundo kwiexercise elilodwa.
Umthombo waleli phephandaba uthe ngesikhathi kuvulwa izikole uthishanhloko wanikeza bonke abafundi ama-jotter okwakuthiwa kuzoba awesikhashana kusalindwe izincwadi.
“Kuze kube yimanje azifiki, sekuyophela inyanga zivuliwe izikole kwawona la ma-jotter anikezwa abafundi aseyaphela ngoba babhala kuwo zonke izifundo. Abafundi bakwaGrade R sebewagugisile. Ngaphakathi emakilasini uthisha akakwazi ukudlula emaphaseji uma ngaphambili ngoba kugcwele ngokweqile, edeskini elilodwa bahlala babe bane. Abafundi bakwaGrade R bawu-80 ekilasini, kwamanye amakilasi abafundi bawu-60 ekilasini,” kusho umthombo.
Abafundi bakulesi sikole bagcina nyakenye ukuthola ukudla. Nakhona akwaziwa ukuthi kwanqanyulwa yini. Abazali bathi abatshelwa lutho kulokhu kuthiwa kuzobuya.
“Okubuhlungu wukuthi singabazali balezi zingane sidonsa kanzima iningi lethu liphila ngesibonelelo sikahulumeni futhi sihlala ezindlini zomxhaso,” kusho umthombo. UMnuz Sihle Mlotshwa uthe zonke izikole ezinikwa wumnyango izincwadi sezizitholile ngaphandle kwalezo amaphepha azo aba nezinkinga. “Sisazophenya ukuthi ngabe lesi sikole sikulezo zikole ezinamaphepha anezinkinga yini noma siyaziphathela yini imali yaso. Uma siziphathela yisona okumele sithengele abafundi izinsiza. Ngasohlangothini lokugcwala kunzima ukulawula isibalo sabafundi kulesi sikole ngoba kufika abafundi abasha njalo njengoba kusaqhutshwa nentuthuko. Asikwazi ukunqabela izingane ezifikayo ukuthi zithole isikhala ngoba abazali bazo basuke sebezohlala kule ndawo futhi yisona kuphela isikole esikhona kule ndawo. Esingakwenza wukubheka ukuthi ayikho yini indlela esingayenza ukuze abafundi bangacinani kakhulu,” kusho yena.