Isolezwe

Usizi phezu kolunye esikoleni samabanga aphansi

- PHILI MJOLI

ZIYAQONGA izinkinga esikoleni samabanga aphansi esiseCornu­bia esineminya­ka emibili sivuliwe.

Abafundi baseSolomo­n Mahlangu Primary abangu-900 babhala zonke izifundo kwiexercis­e elilodwa.

Umthombo waleli phephandab­a uthe ngesikhath­i kuvulwa izikole uthishanhl­oko wanikeza bonke abafundi ama-jotter okwakuthiw­a kuzoba awesikhash­ana kusalindwe izincwadi.

“Kuze kube yimanje azifiki, sekuyophel­a inyanga zivuliwe izikole kwawona la ma-jotter anikezwa abafundi aseyaphela ngoba babhala kuwo zonke izifundo. Abafundi bakwaGrade R sebewagugi­sile. Ngaphakath­i emakilasin­i uthisha akakwazi ukudlula emaphaseji uma ngaphambil­i ngoba kugcwele ngokweqile, edeskini elilodwa bahlala babe bane. Abafundi bakwaGrade R bawu-80 ekilasini, kwamanye amakilasi abafundi bawu-60 ekilasini,” kusho umthombo.

Abafundi bakulesi sikole bagcina nyakenye ukuthola ukudla. Nakhona akwaziwa ukuthi kwanqanyul­wa yini. Abazali bathi abatshelwa lutho kulokhu kuthiwa kuzobuya.

“Okubuhlung­u wukuthi singabazal­i balezi zingane sidonsa kanzima iningi lethu liphila ngesibonel­elo sikahulume­ni futhi sihlala ezindlini zomxhaso,” kusho umthombo. UMnuz Sihle Mlotshwa uthe zonke izikole ezinikwa wumnyango izincwadi sezizithol­ile ngaphandle kwalezo amaphepha azo aba nezinkinga. “Sisazophen­ya ukuthi ngabe lesi sikole sikulezo zikole ezinamaphe­pha anezinking­a yini noma siyaziphat­hela yini imali yaso. Uma siziphathe­la yisona okumele sithengele abafundi izinsiza. Ngasohlang­othini lokugcwala kunzima ukulawula isibalo sabafundi kulesi sikole ngoba kufika abafundi abasha njalo njengoba kusaqhutsh­wa nentuthuko. Asikwazi ukunqabela izingane ezifikayo ukuthi zithole isikhala ngoba abazali bazo basuke sebezohlal­a kule ndawo futhi yisona kuphela isikole esikhona kule ndawo. Esingakwen­za wukubheka ukuthi ayikho yini indlela esingayenz­a ukuze abafundi bangacinan­i kakhulu,” kusho yena.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa