Isolezwe

Iyaqonga eyokukhish­wa kukaZuma

- LOYISO SIDIMBA

AMALUNGU e-ANC ahlela imashi ezoba namuhla ebizwa nge#ZumaMustGo athi uNobhala Jikelele wale nhlangano, uMnuz Ace Magashule kufanele aphume kulesi sikhundla ngoba asimfanele.

Umgqugquze­li we#ZumaMustGo, uBishop Max Maumela, izolo uthe uMagashule uyisiphoxi esingamhlo­niphi uMengameli we-ANC, uMnuz Cyril Ramaphosa.

“U-Ace akufanele abe nguNobhala Jikelele we-ANC kufanele aphume kulesi sikhundla,” kusho uMaumela.

Uthe uMagashule usaqhubeka nokuhlukan­isa i-ANC njengoba ekhulume izinto ezivuna abathile emcimbini we-ANC obungempel­asonto edlule.

Watshela i-ANC Youth League emcimbini wokugubha iminyaka engu-106 ukuthi uRamaphosa uneminyaka emihlanu kuphela yokuhola i-ANC. UMaumela uchaze uMagashule njengesige­lekeqe esizobulal­a i-ANC.

Uphinde waveza ukuthi kunabaholi be-ANC okubalwa kubo ongqongqos­he abathile abahlela ukuketula uRamaphosa ukuze kungene uDkt Nkosazana Dlamini Zuma njengomeng­ameli wesikhasha­na.

Kuzokuba nale mashi nje, izolo abaholi abaphezulu bebeyohlan­gana naye ukubhunga ngekusasa lakhe.

Izinkumbi zabalandel­i be-ANC ezivela ezifundazw­eni eziyisithu­pha kulindelek­e ukuthi zimashele eLuthuli House njengoba zifuna uZuma aphume esikhundle­ni sakhe.

UMaumela uthe balindele amabhasi angu-90 azoletha amalungu e-ANC azomasha eGauteng ehlangene nawe-SACP naweCosatu ukukhipha uZuma.

Izolo uthe amalungu abo ebegcwele emahhotela amathathu kanti aphuma e-Eastern Cape, Free State, Mpumalanga naseLimpop­o.

“Uma engaphumi, sizomkhiph­a, sizomasha aze aphume esikhundle­ni,” kusho uMaumela osabise ngokumisa yonke into ezweni uma uZuma engehli esikhundle­ni.

UMnuz Gabriel Nkgweng, ilungu le-ANC eNorth West eliyingxen­ye ye#ZumaMustGo, uthe ngeke bavume ukuthi ubuholi be-ANC obuqokwe ngoDisemba budelelwe.

UNkgweng ubeyingxen­ywe yamalungu angu-40 e-ANC anqoba impi yokuthi kuqalwe kabusha ingqungqut­hela yaseBojana­la eNorth West.

Uthe uRamaphosa ubuyisa ithemba kubantu nesithunzi se-ANC.

Abahleli be#ZumaMustGo baxwayise abantu abahlela amamashi okuvikela uZuma ukuthi bangabapha­zamisi ngoba bazozivike­la uma behlaselwa. UMkhulumel­i weCosatu, uMnuz Sizwe Pamla, akazange atholakale ukuba aphawule izolo.

UMnuz Alex Mashilo, okhulumela iSACP, uthe abekho kumalungis­elelo emashi ye#ZumaMustGo kodwa wathi kungenzeka amalungu abo aye kule mashi ngoba kusukela ngonyaka odlule bebethi uZuma makasule esikhundle­ni.

Uthe iSACP ifuna ukunika ubuholi obusha be-ANC isikhathi sokuxazulu­la ikusasa likaZuma.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa