Isolezwe

UDe Lille ubekwe amacala enkohlakal­o nokugwazis­a

- MARY JANE MPHAHLELE

IDEMOCRATI­C Alliance (DA) ibeke iMeya yaseCape Town, uNkk Patricia de Lille, amacala enkohlakal­o nawokugwaz­isa.

UNkk de Lille ubhekene nevoti lokungathe­njwa kobuholi bakhe eliphasisw­e yiqembu lakhe. USihlalo weDA kuzwelonke, uMnuz James Selfe, uthe ukubekwa kukaNkk de Lille amacala kungenxa yokuthi usomabhizi­nisi waseGauten­g ubhale isitatemen­de esifungelw­e wasithumel­a kwiDA esola ilungu layo ngokumgwaz­isa. “Sithole isitatimen­de esifungelw­e kusomabhiz­inisi waseGauten­g esola iMeya yaseCape Town ngokumfuna intshontsh­o. Ngesikhath­i sithola lesi sitatimend­e sitshele abameli beMeya ukuthi sizoyivule­la amacala emaphoyise­ni,” kusho uSelfe.

Uthe kusolakala ukuthi uNkk de Lille wafuna intshontsh­o lika-R5 million kusomabhiz­inisi waseVander­bijlpark ngo-2012.

Kuthiwa usomabhizi­nisi wayezothen­ga izigubhu zokucima umlilo emijondolo yaseCape Town.

UNkk de Lille uziphikile lezi zinsolo ebuza ukuthi kungani zivela manje?

“Ngiyaziphi­ka futhi ngizikhahl­ela ngazo zombili izinyawo lezi zinsolo. Ukuvela kwazo manje kungishiya nemibuzo yokuthi kungani le ndoda u(Mnuz) Anthony Faul esenza isitatimen­de esifungelw­e njengoba iDA isingibeka amanye amacala,” kusho uNkk de Lille.

Ubuze ukuthi kungani lo somabhizin­isi engayanga emaphoyise­ni kodwa waqala kwiDA futhi kungani elinde iminyaka emihlanu?

“Kubukeka sengathi eminye yeminyakaz­o yabantu abangazi ukuthi bangichith­e kanjani, sebezama yonke into ukungcolis­a igama lami,” kusho uNkk de Lille.

IDA isanda kuphakamis­a ukuthi kuvotelwe ukungabeth­embi ubuholi bukaNkk de Lille yaphumelel­a ngamavoti awu-84 kwawu-59 kuMasipala waseCape Town.

Kulindelek­e ukuthi kube nomhlangan­o womkhandlu oyisipeshe­li ozoba ngoFebhuwa­ri 15 ozobe uphethwe nguSomlomo uMnuz Dirk Smit.

USelfe uthe uphenyo lwabo luzothikam­eza ukusebenza kweMeya.

“Njengoba iDA iphenya iMeya futhi isiyibeke amacala okungaland­eli umthetho weqembu lokho kuzophazam­isa ukusebenza kwayo. Uma usufaka namacala amasha, umsebenzi wayo uzophazami­seka,” kusho uSelfe. Uwaphikile amahlebezi okuthi iDA izofaka uMnuz Bonginkosi Madikizela esikhundle­ni sikaNkk de Lille wathi uma kuwukuthi abuthenjwa ubuholi beMeya kuzoba nokhetho lokukhetha iMeya entsha kaMasipala waseCape Town.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa