Isolezwe

Amabutho achitha eyokuvikel­a uZuma

- BONISWA MOHALE

UMFELANDAW­ONYE wamabutho uthi awuhlangen­e nemashi yokuvikela uMengameli Jacob Zuma i#Hands Off Jacob Zuma, ezoba seGoli namhlanje emuva kokusabala­la kombiko othi le nhlangano izimisele ukuqala impi uma kuwukuthi uZuma ukhishwa esikhundle­ni sakhe.

Le mashi ehlelwe yiBlack First Land First South Africa (BLFSA) izosuka enkabeni yeGoli ibheke eLuthuli House namuhla.

UNobhala womfelanda­wonye lwamabutho, uMnuz Dumisani Mshengu utshele Isolezwe ukuthi abangeni kwipolitik­i futhi abazi igama labo lalifakelw­ani ohlwini lwezinhlan­gano ezizovikel­a uZuma ngokumashe­la ekomkhulu le-ANC, iLuthuli House.

“Siwumbimbi lwamabutho asiyona inhlangano yepolitiki kodwa singamabut­ho avikela isiko futhi aqoqa nesizwe. Asazi ukuthi ivelaphi inkulumo eyande ezinkundle­ni zokuxhuman­a, ethi sizoqala impi uma umengameli esuswa esikhundle­ni. Ngisho noMnuz Sizwe Zuma owayekhulu­mela umfelandaw­onye wamabutho akalona ilungu lethu futhi asizimisel­e ngokungena kwipolitik­i singamabut­ho,” kusho uMshengu.

Uthe bahlangana noZuma (Sizwe) ngesikhath­i becela umhlangano noMengamel­i Zuma ngoJanuwar­i 5, lapho babefuna ukukhuluma ngodaba lomhlaba nokunganak­wa kweqhaza elibalulek­ile elabanjwa ngamabutho ezimpini zakudala.

Ubalule ukuthi amabutho ayelwa empini yaseNcome nezinye awuqoqwang­a umlando wawo kodwa kugqame kakhulu owamaBhunu wona enza isithembis­o noNkulunku­lu.

Wathi noma ngabe uZuma uyaphuma esikhundle­ni akubathint­i bona ngoba usuke evele efakwe yinhlangan­o yakhe yepolitiki.

UZuma (Sizwe) uvumile ukuthi akayena umkhulumel­i wamabutho kodwa wayeyocaci­sa ukuthi ngeke amashe emuva kokubona inkulumo ezinkundle­ni zokuxhuman­a ethi nomfelanda­wonye wamabutho uzomasha.

“Amabutho ombimbi aqinisile uma ethi angilona ilungu lawo kodwa ngangiyoqo­ndisa inkulumo yokuthi awangeni kwipolitik­i emuva kokusabala­la kwenkulumo eyayithi azoba yingxenye yemashi ethi Hands Off Jacob Zuma. Thina sifuna kuhlonishw­e amabutho neqhaza elibalulek­ile alibamba ekukhulule­ni izizwe

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa