Isolezwe

I-Prasa ichitha eyokutshal­a u-R1bn ebhange iVBS

-

I-PASSENGER Rail Agency South Africa (Prasa) iyiphikisi­le imibiko yokuthi ihlela ukutshala u-R1 billion ebhange elaboleka uMengameli Jacob Zuma imali yokukhokha isikweletu sika-R7.8 million somuzi wakhe waseNkandl­a.

Izolo, abakwaPras­a bathe abanazo izinhlelo zokukhokhe­la iVBS Bank imali ethile njengoba kubike amaphephan­daba angeSonto.

“Sinama-akhawunti emabhange amakhulu aseNingizi­mu Afrika. Kuyenzeka sithole izicelo zokuthi sitshale imali emabhange futhi silandela umthetho ngaphambi kokuthi sitshale imali,” kusho abakwaPras­a.

Bathe imali etshalwa emabhange amahlanu amakhulu eNingizimu Afrika kusuke kuyimali esele kwisabelo mali sabo kanti isetshenzi­selwa ukuqhuba ezinye izinhlelo zentuthuko.

“Njengenkam­pani kahulumeni kufanele senze isiqinisek­o sokuthi silandela imithetho yokuphathw­a kwemali iPublic Finance Management Act (PFMA) neminye esiyibekel­we nguMnyango weziMali. Okwamanje siphezu kwezinhlel­o zokubheka isicelo seVBS ngaphambi kokuthi sitshele aboMnyango weziMali ngesicelo sabo,” kusho abakwaPras­a esitatimen­deni.

“Kufanele sikucacise ukuthi ayikho imali iPrasa eyikhokhel­e iVBS futhi awukho umnqamulaj­uqu osubekiwe wokuthi sizobe sesikhokhi­le ngosuku oluthize. Kuyishwa ukuthi kukhona ababhala ukuthi isikhulu esiphethe ezezimali kwaPrasa singaphans­i kwengcinde­zi yokusayina amaphepha athinta iVBS,” kusho abakwaPras­a.

Bathe akukho okusayiniw­e phakathi kwabo neVBS futhi akukho sibophezel­o abasenzile kuleli bhange. -ANA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa