Isolezwe

Sicela nisithanda­zise ukuze umhlangano esiya kuwona ube nokuthula: Mantashe

- GEORGE MATLALA

AMAPHAPHU abephezulu kwabaseNin­gizimu Afrika izolo njengoba ubuholi obuphezulu be-ANC bebuzohlan­gana noMengamel­i Jacob Zuma ukudingida ikusasa lakhe.

Izolo ntambama, uSihlalo we-ANC kuzwelonke, uMnuz Gwede Mantashe ucele abazalwane besonto lakhe, eKatlehong, eGauteng, ukuthi babakhulek­ele ukuze i-ANC yenze okulungele izwe ngoMengame­li Zuma.

UMantashe ubesesontw­eni iSt John’s Apostolic Faith Mission lapho ecele umkhuleko ngaphambi kokuya emhlanganw­eni wesigungu esiphezulu se-ANC ebusuku.

“Asiyile ukuyohlamb­alaza uZuma noma ukumphatha kabi kodwa siyoxoxisa­na naye ngokulunge­le izwe, ngokulunge­le i-ANC nokulungel­e umnotho. Sicela nisithanda­zise ukuthi umhlangano wethu ube noxolo,” kusho uMantashe.

Ngesonto elidlule uMantashe utshele i-Independen­t Media ukuthi uZuma unezinhlel­o ezintathu zokwehla esikhundle­ni, okokuqala ukuzehlela yena, okwesibili wukuthi ashaywe ngevoti lokungabet­hembi ubuholi bakhe bese okwesithat­hu kuba wukubekwa amacala yiPhalamen­de okuzoholel­a ekutheni agcine esephumile esikhundle­ni.

“Umsebenzi wethu akusikhona ukuphoxa abantu kodwa wukwenza okulungele bona. Selokhu kungene uRamaphosa iRandi liyasimama, kubuye ukwethenjw­a kwe-ANC nosomabhiz­inisi bayalethem­ba izwe lethu,” kusho uMantashe.

USomlomo wePhalamen­de, uNksz Baleka Mbete, uthe ivoti lokungabet­hembi ubuholi bukaZuma lizoba ngoFebhuwa­ri 22. Usho lokhu emuva kokuchitha isicelo seDA ne-EFF sokuthi kuhlehlisw­e ukwethulwa kwenkulumo kaMengamel­i ezoba ngoLwesine.

Kuphinde kwavela ukuthi ezinye izinhlanga­no zomphakath­i okubalwa kuzo iFuture of SA zifuna uZuma ehambile njengoba zibhalele i-ANC.

KwiFuture of SA kukhona omakadebon­a be-ANC abafana noDkt Mavuso Msimang, Mnuz Dennis George weFederati­on of Unions of South Africa, Reverend Giet Khoza noMnuz Wayne Duvenage oyisikhulu esiphezulu se-Organisati­on Undoing Tax Abuse (OUTA).

 ?? Isithombe: AYANDA NDAMANE ?? USIHLALO we-ANC kuzwelonke uMnuz Gwede Mantashe ucele umkhuleko emakholwen­i aseSt John’s Apostolic Faith Mission ngaphambi kokuya emhlanganw­eni wokudingid­a ikusasa likaMengam­eli Jacob Zuma
Isithombe: AYANDA NDAMANE USIHLALO we-ANC kuzwelonke uMnuz Gwede Mantashe ucele umkhuleko emakholwen­i aseSt John’s Apostolic Faith Mission ngaphambi kokuya emhlanganw­eni wokudingid­a ikusasa likaMengam­eli Jacob Zuma

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa