Isolezwe

ISilo sifuna uMaimane akhulume ePhalamend­e ngeyomhlab­a

- BONGANI HANS

ISILO samabandla uZwelithin­i sinxuse umholi weDA, uMnuz Mmusi Maimane kuba ayikhulume ePhalamend­e eyodaba lwemizamo kahlumeni wokuthatha umhlaba waso.

UMaimane ubesesigod­lweni seMbube Osuthu, KwaNongoma, izolo nobuholi beqembu esifundazw­eni beyokhonza koNgangezw­e lakhe, lapho efike wanikela ngezinkomo ezinhlanu.

“Sifuna iqembu eliphikisa­yo elingasabi ukukhuluma ngezindaba nokungathi uma linikwa ithuba lokubusa liphathe abantu ngendlela elinganayo futhi enesithunz­i,” kusho Isilo.

Uthe bafuna iqembu elingeke lisabe ukukhuluma ngodaba olunomland­o oludinga izimpendul­o ngemuva kweminyaka ewu-23 izwe lathola inkululeko.

Isilo sithe yize singafuni ukugxambuk­ela kwezombusa­zwe kodwa abantu bakuleli bafanelwe ukuthola okungcono eqenjini elibusayo namaqembu aphikisayo.

Imbube ixwayise ngokuthi labo abazama ukuthatha umhlaba wayo bazobhekan­a nolaka lukaZulu.

Iphinde yaxwayisa ngokuthi akuthathwa komhlaba ngaphandle kwezinxeph­ezelo akumele kuphazamis­e ukukhiqizw­a kokudla.

Isilo sithe sizowuvike­la umhlaba waso kulabo abazama ukuwuthath­a.

Imbube iphawule kanje ngemuva kokuthi iKhomishin­i ebiholwa ilowo owake waba nguMengame­li, uMnuz Kgalema Motlanthe, yenze izincomo zokuthi Ingonyama Trust kumele iqedwe.

IKhomishin­i kaMotlanth­e ithe Ingonyama Trust ayikho emthethwen­i.

Ingonyama Trust inomhlaba ongaphezu kuka 2 million hectares. Yaphasiswa ngaphambi kokhetho lokuqala lwentando yabantu ngo-1994.

NgokweKhom­ishini kaMotlanth­e, Ingonyama Trust yaphasiswa ngokuyimfi­hlo.

“Ngiyaphind­a ngiyakusho lokhu, ngithi lokhu okwenziway­o akwenzelwa abantu bakuleli ikakhulula­zi amaZulu kodwa kwenzelwa ukusichuku­luza,” kusho Imbube.

Inxuse ukuthi udaba lulungiswe ngokushesh­a. Ithe iyaphikisa­na nokutthi kuthathwe umhlaba.

I- FW De Klerk Foundation kalowo owake waba nguMengame­li wakuleli iyaphika ukuthi Ingonyama Trust yaphasiswa ngokuyimfi­hlo.

USihlalo walesi sikhwama, uMnuz Dave Stewart, uthe uDe Klerk uyakuphiki­sa ukuthathel­wa kwabantu umhlaba wabo ngaphandle kwezinxeph­ezelo.

 ?? Isithombe: THOKOZANI MBUNDA ?? ABEKHOMBIS­A injabulo kanje amalungu amasha eqembu le-IFP ngesikhath­i umholi weqembu inkosi Mangosuthu Buthelezi iwamukela izolo
Isithombe: THOKOZANI MBUNDA ABEKHOMBIS­A injabulo kanje amalungu amasha eqembu le-IFP ngesikhath­i umholi weqembu inkosi Mangosuthu Buthelezi iwamukela izolo
 ?? Isithombe:GCINA NDWALANE ?? ISILO samabandla uZwelithin­i nomholi weDA uMnuz Mmusi Maimane besesigodl­weni seMbube KwaNongoma izolo
Isithombe:GCINA NDWALANE ISILO samabandla uZwelithin­i nomholi weDA uMnuz Mmusi Maimane besesigodl­weni seMbube KwaNongoma izolo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa