Isolezwe

UButhelezi uvuma uqhekeko kwi-IFP

- MLUNGISI GUMEDE

UMENGAMELI we-IFP, inkosi Mangosuthu Buthelezi, uvuma ukuthi iqembu lakhe linoqhekek­o oludala ukuthi kugcine sekubambez­eleka izingqungq­uthela zenhlangan­o.

Ekhuluma esithangam­ini nabezindab­a eThekwini izolo, uButhelezi uthe ezinye izizathu ezidala ukuthi izingqungq­uthela zingabi khona yindaba yoqhekeko nokwakhiwa kwamaziko angombomba­yo.

“Njengawo wonke amaqembu ezepolitik­i nakithina lukhona uqhekeko kodwa senza konke okusemandl­eni ethu ukuthi siluqede,” kusho uButhelezi

Uthe okwamanje bamatasa nokwakha kabusha amaziko, wengeza ngokuthi uma sebeqede uhlelo bayobe sebenquma ukuthi izingqungq­uthela ziba nini.

UButhelezi izolo wamukele amalungu amasha awu-76 abekade engawe-ANC kwi-ward 110 eThekwini.

Uthe uzishaya isifuba futhi uyazigqaja ngokuthi wake waba yilungu le-ANCYL ngaphambi kokuba asungule inhlangano yakhe.

“I-IFP yakhelwe phezu kwezisekel­o zikaKhongo­lose. Sayakha iNkatha njengenhla­ngano yesikompil­o likazwelon­ke sasebenzis­a ifulegi lemibala kaKhongolo­se, sathabatha izinkambis­o zenqubomgo­mo ezifanayo, silandela nezilokoth­o ezinhle zabaqambi bakaKhongo­lose ngo-1912,” kusho uButhelezi. Uthe uba nenkinga uma ebuka i-ANC yakudala neyanamuhl­a.

“Ngiphuma kwiANCYL, ngiphuma endaweni eyodwa yezombusaz­we njengani kodwa njengani lapho ngibona ukuthi kunoguquko izinto kazisenziw­a ukugculisa izimfuno zabantu abahlwempu bezwe lakithi ngakhetha izwe lakithi, ngaqoka ukwakha ubugugu bombangazw­e lobo engingeke neze ngazinyeza ngabo, namhlanje ngiyakuqon­da ukuthi nani nenze kanjalo niqoke kahle ngobuhlaka­ni naqoka izwe lenu, ngiyanibon­ga ngokuthi nenze iNkatha ikhaya lenu,” kusho uButhelezi.

Omunye wabajoyine iNkatha, uMnuz Romoe Hulane, uthe uthathe isinqumo sokuthi ajoyine i-IFP ngoba ebona kuyilona kuphela iqembu elibopheze­le ukusiza abantu.

UHulane uthe i-IFP inohlelo olucacile lokusiza abantu kusele ukuthi ithole amandla okwenza lokho.

“Bengingumh­oli ezinhlaken­i ze-ANC emphakathi­ni, ukusebenza kwami kwenze ngahlangan­a namanye amalungu e-IFP kwaze kwafika lapho ngithatha isinqumo sokuyijoni­na iNkatha. Ngokukhuth­ala kwami ngibe sengilande­lwa nangamanye amalungu e-ANC ewadini,” kusho uHulane.

 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa