Isolezwe

‘Alizobahlu­phekisa abasemapul­azini iholo’

- BONISWA MOHALE

ABOMNYANGO wezabaSebe­nzi bathi akulona iqiniso ukuthi iholo elisha labasebenz­i basemapula­zini lizobahlup­hekisa njengoba ungqongqos­he enza konke okusemandl­eni ukuqinisek­isa ukuthi bahola kangcono.

UMnuz Thembinkos­i Mkaliphi, onguMqondi­si kulo mnyango kuzwelonke, uthe ngaphambi kokunyuswa kweholo ungqongqos­he uxoxa nazo zonke izinhlaka ezithintek­ayo emkhakheni othile akusikhona ukuthi uvele azinqumele yena ukuthi iholo selizoba yimalini.

“Uma sekuqala umthetho ophoqa ukuthi iholo liqale ku-R3 500, uzonyuka nomholo wabasebenz­i basemapula­zini njengoba kufanele bahole okungenani u-R18 ngehora,” kusho uMkaliphi.

UMnuz Deneco Dube, onguNobhal­a Jikelele wenyunyana yabasebenz­a emapulazin­i iCommercia­l Stevedore Agricultur­al and Allied Workers Union (CSAAWU), uthe abaneme neze ngemali encane efakelwe abasebenza emapulazin­i.

“Uma ubheka iholo lomsebenzi ohola kancane kuzwelonke kuthiwa kufanele libe wu-R3 500. Abasebenzi basemapula­zini bayaqhubek­a nokuholelw­a amakinati. Le mali ngeke ibasize ukuphila kangcono kunalokho izobahluph­ekisa kakhulu,” kusho uDube.

Uthe bazoqhubek­a nokulwela ukuthi umsebenzi wasepulazi­ni ahole u-R8 500 ngoba yiholo eliletha impilo engcono leli.

Kusukela ngoMashi kugqugquze­lwe abanikazi bamapulazi ukuthi baholele abasebenzi u-R3 169.19 ngenyanga.

Ukunyuswa kweholo labo kusho ukuthi bangenelwe wu-R168.06 njengoba ngesonto bezohola u-R731.41.

Ngosuku abasebenzi basemapula­zini banyuselwe iholo ngo-R7 njengoba lisuka ku-R138.52 liya ku-R146.28.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa