Abaneme abasebenzi baseKing Edward
BATHI basatshiswa ngokuthi bazokhonjwa indlela abasebenzi basesibhedlela iKing Edward VIII uma bekhala ngezingubo zokusebenza ezigugile.
Laba basebenzi abasebenza ophikweni olulungisa konke okuphukile nokonakele kulesi sisibhedlela bathi bagcina ngo-2015 ukuthola izingubo ezifanele zokusebenza, okufanele bazithole njalo ngonyaka.
Omunye wabasebenzi ongathandanga kudalulwe igama lakhe uthe laba basebenzi balungisa ugesi, bayashisela, balungise izindonga nezimpahla zezibhedlela eziphukile.
“Ngo-2016 asizange sinikezwe izingubo ezifanele kuhlanganisa namabhuzu, ama-gloves nokokuvikela amakhala. Nyakenye sikhulume nabaphathi sibatshela ukuthi kuyingozi ukuthi sisebenze ngaphandle kwezingubo zokuzivikela. Sathi ngokomthetho wezokuphepha olawula abasebenzi kumele ngabe asingeni nakungena kulezi zindawo eziyingozi esingena kuzo ngaphandle kwalezi zimpahla. Abaphathi bathembisa ukuthi zizo-odwa izimpahla kube nokubambezeleka kohlelo lokuthengwa kwazo. Saqale sabekezela kodwa sagcina sibona ukuthi sengathi isibhedlela sidlala ngathi, sabatshela ukuthi kunemisebenzi osekunzima ukuyenza,” kusho yena.
Abaphathi babatshela ukuthi ongafuni ukusebenza akashiye phansi umsebenzi ngoba baningi abawufunayo.
Uveze ukuthi kamuva uthe abaphathi bavale intuba yokubaleka uma kwenzeka kusha noma kuba nesimo esidinga ukuthi abantu babaleke.
“Kulokhu akekho oke wasitshela ukuthi kwenzenjani, sibone sekushiselwa kuvalwa intuba. Asazi ukuthi uma kusha thina sizokwenzenjani. Sesilandele yonke imigomo yokubika ukungeneliseki kwethu kodwa asinakiwe. Lo mphathi wethu osicindezelayo simbikile kumphathi wakhe kodwa kuyefana. Sicela ungqongqoshe angenelele kulolu daba,” kusho yena.
UMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal uthunyelelwe imibuzo ngoLwesine wathembisa ukuphendula ngoLwesihlanu kuze kwashaya isikhathi sokushicilela ungaphendulile.