Isolezwe

Phansi novalo ngolomhlab­a: Cele

- MLUNGISI GUMEDE

ILUNGU lesigungu esiphezulu se-ANC, uMnuz Bheki Cele, linxusa ukuthi kwehliswe amaphaphu odabeni oseluphaka­mise imimoya mayelana nesiphakam­iso sokuphuca umhlaba iSilo Samabandla uZwelithin­i.

Ekhuluma emcimbini obusenkund­leni yezemidlal­o eLakeside Sports Ground eVryheid ngoMgqibel­o, lapho i-ANC kade igubha khona iminyaka engu-106 yasungulwa, uCele uthe i-ANC iyalulungi­sa lolu daba.

“Amakhosi amumemile obebhekele iKhomishin­i ebicubungu­la indaba yomhlaba weNgonyama Trust, lowo owayengume­ngameli, uMnuz Kgalema Motlanthe ukuba azowachaze­la ngalolu daba,” kusho uCele.

Uthe iSilo sakwedluli­sela ukungenami kwaso ebuholini obuphezulu be-ANC ngesikhath­i uMengameli uMnuz Cyril Ramaphosa wayezokwet­hula isigungu sakhe kusona KwaNongoma ngemuva kwengqungq­uthela ye-ANC ebiseNasre­c, eGoli, nyakenye.

“Namaqembu aphikisayo awasixolel­e kancane ayeke ukuphapha ngalolu daba lomhlaba njengoba eselokhu ethi ayaseseka iSilo njengoba uhulumeni ehlela ukusiphuca umhlaba waso,” kusho uCele.

Unxuse amakhosi aseNdlunku­lu ukuthi angavumi amabutho asetshenzi­swe ngosopolit­iki ngenhloso yokufeza izinhloso zabo.

Uthe abantu asebexakwe yipolitiki abangasebe­nzisi amabutho.

UCele ukhuluma kanje ngemuva kukakhukhu­lelangoqo wemashi yamabutho avela ezindaweni ezahlukene eKZN eyayibheke eCity Hall eThekwini lapho afunga khona agomela ukuthi azomfela uMengameli Jacob Zuma kulabo abamgquzay­o.

“Uyedwa umdidiyeli wamabutho, iSilo Samababand­la kuphela. Asingaboni abantu uma sebeshaywa yizinto bazihlanga­nise namabutho,”kusho uCele.

Uveze nokuthi uneme ngokuba yilungu lesigungu esiphezulu esisha.

“Phambilini ngathi angineme ngokuba yilungu lesigungu esiphezulu, kwathiwa uma nginenking­a kungani ngingasuli. Manje kumele ngikuveze ukuthi ngijabule ngoba isigungu esikhona sihlelekil­e senza izinto ngesikhath­i, hhayi ukuthi umhlangano ka-10 uqale ngo-12, kanti nemibuthan­o isiqala ngesikhath­i esisuke sibekiwe. Nibonile nasemgubhw­eni weJanuwari 8, e-East London siqale ngesikhath­i,” kusho uCele.

 ?? Isithombe: MLUNGISI GUMEDE ?? ILUNGU lesigungu esiphezulu se-ANC uMnuz Bheki Cele elinxusa ukuthi kwehliswe amaphaphu odabeni lomhlaba weSilo Samabandla uZwelithin­i
Isithombe: MLUNGISI GUMEDE ILUNGU lesigungu esiphezulu se-ANC uMnuz Bheki Cele elinxusa ukuthi kwehliswe amaphaphu odabeni lomhlaba weSilo Samabandla uZwelithin­i
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa