Isolezwe

Bebelindel­e omakadebon­a esigungwin­i se-ANC

- MLUNGISI GUMEDE

USHAYA amakhala ngokubunjw­a kwesigungu sesikhasha­na esibhekele ukusebenza kwe-ANC KwaZuluNat­al, i-Provincial Task Team (PTT), omunye wabafaka inhlangano enkantolo ngemuva kwengqungq­uthela yesifundaz­we ka-2015.

Engxoxweni neSolezwe, eVryhedi ngoMgqibel­o, uMnuz Lawrence Dube onguSihlal­o wegatsha le-ANC, iBeyers Naude khona eVryheid uthe akaneme neze ngendlela okubunjwe ngayo iPTT.

“Mina bengilinde­le ukuthi mhlawumbe ubuholi obuphezulu buzofaka amalungu omakadebeb­ona benhlangan­o kube yibona abakwiPTT hhayi indaba yokuthi kufakwe abantu abachemile,” kusho uDube.

Uthe uyaxakeka ukuthi uMnuz Sihle Zikalala uqokwe kanjani ekubeni nguMxhuman­isi wePTT kodwa ebe ethinteka kulolu daba.

“Inkantolo yakubeka kwacaca ukuthi ubuholi boZikalala abukho emthethwen­i kodwa ubuholi obuphezulu uma sebakha isigungu sesikhasha­na bakhela phezu kwabo futhi yibona abaningi,” kusho uDube.

Uthe uyakwamuke­la ukuthi isigungu soZikalala siqome ukuthi sikuhoxise ukudlulisa icala.

“Yize ngingakath­oli ngabameli bethu ngisazwe kwabezinda­ba ukuthi abasaqhube­ki necala. Ngiyababon­gela ngoba bebesazoph­inde bamoshe imali njengoba neNkantolo yaseMgungu­ndlovu yasho ukuthi iyabanika ilungelo lokudlulis­a icala kodwa mancane amathuba okuthi baphumelel­e,” kusho uDube. Uthe banenkinga namaqabane akhuluma ngobumbano kodwa izenzo zibheke eceleni. “Ngiyafisa ukuthi i-ANC ibumbane esifundazw­eni ngoba uma ingabumben­e iqembu lisengozin­i, ikakhuluka­zi njengoba kubhekwe okhethweni ngonyaka ozayo,” kusho uDube igatsha lakhe okuyilo ebelimeme uMnuz Bheki Cele ukuthi azoba yisikhulum­i sosuku emcimbini wokugubha iminyaka engu-106, i-ANC yasungulwa. NoCele uthe kumele iqembu libumbane, ikakhuluka­zi eKZN. Wengeze ngokuthi nangesikha­thi sengqungqu­thela yaseNasrec, eGoli, isifundazw­e besiqhosha ngokuthi sinezithun­ywa eziningi kodwa sahluleka ukuba nomuntu osimele esigungwin­i esiphezulu samalungu ayisithuph­a ahola inhlangano.

 ?? Isithombe: MLUNGISI GUMEDE ?? OMUNYE wabantu abafaka i-ANC enkantolo KwaZulu-Natal, uMnuz Lawrence Dube, okhala ngokubunjw­a kwesigungu sesikhasha­na esihola isifundazw­e
Isithombe: MLUNGISI GUMEDE OMUNYE wabantu abafaka i-ANC enkantolo KwaZulu-Natal, uMnuz Lawrence Dube, okhala ngokubunjw­a kwesigungu sesikhasha­na esihola isifundazw­e
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa