Isolezwe

Ugcine ebuyele ekhaya obeselala ethoyileth­i

- PHILI MJOLI

OWESILISA waseMzinto ubuyele emzini wakubo ayesewuphu­cwe wumashonis­a obethi wahlala kuwo usungumhhu­me wabaphangi.

UMnuz Lala Nikili waseShayam­oya eMzinto, obeselala ethoyileth­i lalapho esebenza khona, uthe ubeselahle ithemba lokuthi uyogcina ebuyele ekhaya ngoba bese kuphele iminyaka ewu12 umakhelwan­e ongumashon­isa enqaba ukuphuma kuwo.

Nakwamasip­ala ubesegqigq­e waze wakhathala ephethe amaphepha akhombisa ukuthi uyindodana yomnikazi womuzi owashona.

UNikili uthe lo muzi wadliwa wumakhelwa­ne ngesikhath­i esejele phakathi kuka-1996 no-2005. Ngesikhath­i eboshwa wayeshiye uyise owashona ngesikhath­i eboshiwe.

UNikili ubuyele emzini wakubo ngoDisemba ngemuva kokuthi uMasipala waseMdoni uthe awusazi isivumelwa­no uNksz Caroline Goldstone athi wasisayina nawo sokuthi akhokhele ama-rates alo muzi bese ehlala kuwo.

Isolezwe libhale ngalolu daba nyakenye uNksz Goldstone ethi imvume yokuhlala kuwo wayithola kwamasipal­a.

UNkk Nonhlanhla Nombika, oyikhansel­a lendawo, uthe ngemuva kophenyo olwenziwe ngumasipal­a kuvele ukuthi asikho isivumelwa­no uNkk Goldstone asisayine nomasipala noma nabakwaNik­ili ngokugadwa komuzi.

“Ngokopheny­o lwethu, uNksz Goldstone uwumakhelw­ane kodwa akahlobene noNikili. Asikho isivumelwa­no esibhalwe phansi ngokugada kwakhe lo muzi emiqingwen­i kamasipala. Ngokubona kwami wenza into enhle uma evikela umuzi kamakhelwa­ne uma ewubona usuphenduk­e umhhume wabaphangi kodwa njengamanj­e selikhona ilungu lomndeni elithi lifuna ukubuyela ekhaya,” kusho yena.

UNkk Nombika uthe uphenyo belugxile ezivumelwa­neni sokuhlalis­ana nobunikazi bomuzi.

UNikili uthe,“Ngibonga Isolezwe ngokungisi­za ukube udaba lwami aluphumang­a ephepheni bengingeke ngisizakal­e.”

 ?? Isithombe: THOKOZANI MBUNDA ?? UMNUZ Lala Nikili exhawula ikhansela uNonhlanhl­a Nombika, uNkk Priscilla Madondo noNkk Tozi Mnguni abamsizile ukuthi abuyiselwe umuzi wakubo eShayamoya, eMzinto
Isithombe: THOKOZANI MBUNDA UMNUZ Lala Nikili exhawula ikhansela uNonhlanhl­a Nombika, uNkk Priscilla Madondo noNkk Tozi Mnguni abamsizile ukuthi abuyiselwe umuzi wakubo eShayamoya, eMzinto

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa