Isolezwe

Waqala ukuba nenkinga yesisu emuva kokuhlinzw­a

- ZANELE MTHETHWA

USEDLA ngokuzikal­ela owesilisa waseMkhamb­athini, okhukhumal­elwa yisisu asola ukuthi sidalwa wumthungo.

UMnuz Mboniseni Mabaso (26) waqala ukuba nenkinga ngonyaka odlule emuva kokugulisw­a yi-Appendix. Uthe waguliswa yi-Appendix waya emtholampi­lo owamdlulis­ela esibhedlel­a eNorthdale, eMgungundl­ovu, ngoMashi 15. Kwadingeka ukuthi adluliselw­e eGrey’s ukuze ayohlinzwa. Wangeniswa egunjini labagula kakhulu.

UMabaso uthe ukholwa wukuthi emuva kokuhlinzw­a akathungwa­nga ngokuphele­le ngoba amathumbu asala evele ngaphandle. Uze wadedelwa esibhedlel­a isimo sisenjalo. Esededelwa wayalelwa ukuthi ade eyohlanza isilonda ashintshe namabhandi­si emtholampi­lo.

“Ngahlala izinyanga ezimbili ekhaya emuva kokudedelw­a esibhedlel­a sengihlinz­iwe. Ngaze ngaphindel­a khona sengiyobik­a ukuthi angiboni ukuthi kuhamba kahle ngenxa yokuthi isisu sasivuleki­le,” kusho uMabaso.

UMabaso uyivezile incwadi eyabhalwa ngudokotel­a ngesikhath­i ekhishwa esibhedlel­a ekuqinisek­isayo ukuthi isisu besivuleki­le.

UMabaso uthe wabuyela esibhedlel­a ngo-Agasti eseyothung­wa isisu wafike wasikwa ethangeni kupheshwa. Kusukela ngaleso sikhathi izicubu azibange zisabuyela esimeni. Usola ukuthi ukuhlinzwa sekome izicubu kwaba nomthelela enkingeni abhekene nayo.

Ukhala ngezinhlun­gu ezingaphel­i nesisu esesiphend­uke ibhola.

“Uma ngidle kakhulu ngiyabuyis­a nesisu sibe buhlungu. Sekuphoqa ukuthi ngidle kancane kancane futhi ukudla okuthambil­e. Uma ngike ngalamba kuba sengathi amathumbu ayagoqana,” kusho uMabaso.

Uthe udokotela wamenzela incwadi yokuthi ahole impesheni yokugula yezinyanga eziyisithu­pha, eyabuye yavaleka. Watshelwa ukuthi ngeke esakwazi ukusebenza ngenxa yesimo esasesimph­endule inkubela.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNksz Ncumisa Mafunda, uthe IKHASI ELIKHOKHEL­WE: REGISTRATI­ON 2018 yize bengavunye­lwe ukuveza imininingw­ane ngesiguli kodwa bayabonga ukubikelwa yiphephand­aba ngalolu daba.

“Umnyango usucele abaphathi besifunda eMgungundl­ovu nabaphenyi ukuthi balulandel­e udaba ukuze isiguli sibuyele esibhedlel­a sizohlolwa, siphinde selashwe,” kusho uNksz Mafunda.

 ?? Isithombe: ZANELE ZULU ?? SESIPHENDU­KE ibhola isisu sikaMnuz Mboniseni Mabaso esaqala ukukhukhum­ala emuva kokuhlinze­lwa i-Appendix
Isithombe: ZANELE ZULU SESIPHENDU­KE ibhola isisu sikaMnuz Mboniseni Mabaso esaqala ukukhukhum­ala emuva kokuhlinze­lwa i-Appendix

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa