Awufakelwe izibuko umbiko weViceroy ngebhange iCapitec
NGESONTO eledlule kusuke igidigidi ngenxa yombiko okhishwe yinkampani yabacwanigi, iViceroy Research, obuhlaba uhlikiza ibhange, iCapitec.
Ngokwalo mbiko, leli bhange elisetshenziswa kakhulu ngabantu abahola kancane kufanele lisuswe ezandleni zabaliphethe njengamanje ngoba lukhulu lonakele ngalo futhi kungensuku zatshwala lizowa ngale ndlela okwenzeka ngayo kwi-African Bank, eminyakeni embalwa edlule.
Ingqikithi yalo mbiko ithi iCapitec ingumashonisa ozenza ibhange. Uqhuba uthi leli bhange liba nehaba uma likhipha umbiko walo wezimali ngoba kunezimali eliye lithi linazo kodwa okungelona iqiniso.
Uthi kuningi okuphambene nomthetho olawula ukunikezwa kwabantu izikweletu kuleli, iNational Credit Act, okwenziwa yileli bhange. Uthi kunenqwaba yabantu ehlulekayo ukukhokha imali esuke iyibolekile kodwa ubunjalo balezo zikweletu abuvezwa.
AbakwaCapitec bawuphikisile lo mbiko, bathi kuyacaca ukuthi abawuhlanganisile abaliqondi ibhizinisi labo ukuthi lisebenza kanjani.
Ibhange loMbuso lithe yonke into isesimeni esifanele kwaCapitec. Kuhle-ke ukuzwa lesi siqiniseko esiqhamuka kwiBhange loMbuso kodwa izinsolo zabakwaViceroy azikwazi ukuthi zingashaywa indiva kanjalo nje. Kufanele iFinancial Services Board kanjalo neJohannesburg Stock Exchange (JSE) iwucubungule lo mbiko, ibone ukuthi ingabe laba cwaningi basenga ezimithiyo noma kukhona okunuka santungwana ngempela.
ICapitec izakhele ugazi kubantu ngoba kuthiwa kubiza kahle ukuba ne-akhawunti khona njengoba kuke kwaba khona ngisho ebiza uR5 ngenyanga.
Kodwa abakwaViceroy bathi inkulu kakhulu inzalo ogcina uyikhokhile uma uyikhasimende lale nkampani futhi usuke ungazi wena khasimende.
Uma ngempela kungasa ligcine leli bhange seliwile njenge-African Bank, kungasho ukulahlekelwa kwezinkulungwane zabantu yimisebenzi kanjalo nokucwila kwemali yabatshale imali kulo. Yebo nabo laba bacwaningi banezabo izinhloso kodwa konke abakusho ngeSteinhoff International kwakuyiqiniso.