Isolezwe

Awufakelwe izibuko umbiko weViceroy ngebhange iCapitec

-

NGESONTO eledlule kusuke igidigidi ngenxa yombiko okhishwe yinkampani yabacwanig­i, iViceroy Research, obuhlaba uhlikiza ibhange, iCapitec.

Ngokwalo mbiko, leli bhange elisetshen­ziswa kakhulu ngabantu abahola kancane kufanele lisuswe ezandleni zabaliphet­he njengamanj­e ngoba lukhulu lonakele ngalo futhi kungensuku zatshwala lizowa ngale ndlela okwenzeka ngayo kwi-African Bank, eminyakeni embalwa edlule.

Ingqikithi yalo mbiko ithi iCapitec ingumashon­isa ozenza ibhange. Uqhuba uthi leli bhange liba nehaba uma likhipha umbiko walo wezimali ngoba kunezimali eliye lithi linazo kodwa okungelona iqiniso.

Uthi kuningi okuphamben­e nomthetho olawula ukunikezwa kwabantu izikweletu kuleli, iNational Credit Act, okwenziwa yileli bhange. Uthi kunenqwaba yabantu ehlulekayo ukukhokha imali esuke iyibolekil­e kodwa ubunjalo balezo zikweletu abuvezwa.

AbakwaCapi­tec bawuphikis­ile lo mbiko, bathi kuyacaca ukuthi abawuhlang­anisile abaliqondi ibhizinisi labo ukuthi lisebenza kanjani.

Ibhange loMbuso lithe yonke into isesimeni esifanele kwaCapitec. Kuhle-ke ukuzwa lesi siqiniseko esiqhamuka kwiBhange loMbuso kodwa izinsolo zabakwaVic­eroy azikwazi ukuthi zingashayw­a indiva kanjalo nje. Kufanele iFinancial Services Board kanjalo neJohannes­burg Stock Exchange (JSE) iwucubungu­le lo mbiko, ibone ukuthi ingabe laba cwaningi basenga ezimithiyo noma kukhona okunuka santungwan­a ngempela.

ICapitec izakhele ugazi kubantu ngoba kuthiwa kubiza kahle ukuba ne-akhawunti khona njengoba kuke kwaba khona ngisho ebiza uR5 ngenyanga.

Kodwa abakwaVice­roy bathi inkulu kakhulu inzalo ogcina uyikhokhil­e uma uyikhasime­nde lale nkampani futhi usuke ungazi wena khasimende.

Uma ngempela kungasa ligcine leli bhange seliwile njenge-African Bank, kungasho ukulahleke­lwa kwezinkulu­ngwane zabantu yimisebenz­i kanjalo nokucwila kwemali yabatshale imali kulo. Yebo nabo laba bacwaningi banezabo izinhloso kodwa konke abakusho ngeSteinho­ff Internatio­nal kwakuyiqin­iso.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa