Isolezwe

Sihlomisa isizwe ngezinto ezimqoka ebuholini bomdabu

Ngisika elijikayo

- Lennox Mabaso

ISAKHIWO sobukhosi sithathwa njengenye yezinsika zokubusa ezenza izwekazi i-Afrika lihlabahlo­se emehlweni omhlaba. Phela ama-Afrika ahlonishwa ngokuziqha­yisa ngemvelaph­i yawo nendlela yawo yokuphila. Lokhu kungenxa yeqhaza labaholi bomdabu, beholwa yiSilo, abahlala bevikela amasiko nendlela yethu yokuphila njengamaAf­rika.

Njengoba izwe lingena esigabeni esaziwa nge-21st century, lapho yonke into yenziwa kusetshenz­iswa ubuchwephe­she bemishini, kubaluleki­le ukuthi nezinto ezingamagu­gu ethu zingasalel­i emuva futhi izizukulwa­ne ezizalwa ngalesi sigaba zifundiswe izinto ezibalulek­ile ngezakhiwo zomdabu.

Kule ngosi yanamuhla njengoMnya­ngo wokuBusa ngokuBambi­sana neziNdaba zoMdabu, oholwa nguNgqongq­oshe uNomusa Dube-Ncube, sifisa ukufundisa ngezihlokw­ana ezimbalwa ezithinta ubuholi bomdabu ngethemba lokuthi lokhu kuzoqeda imfundisoz­e ngesakhiwo sobuholi bomdabu.

Umbuzo: Kulandelwa miphi imigudu ukubheka izindlu ezifanele zobukhosi ikakhuluka­zi njengoba kwaziwa ukuthi ubukhosi obomndeni, hhayi kuphela inkosi esuke iphethe ngaleso sikhathi?

Impendulo: Kunomehluk­o phakathi komndeni wenkosi nendlu yobukhosi. Umndeni wobukhosi uhlanganis­a izindlu zonke zamakhosi abusa kuleso sizwe. Indlu yobukhosi ihlanganis­a inkosi, uNdlunkulu noma oNdlunkulu, abantwana nabazukulu.

Uma kubhekwa inkosi, izindlu ezinhlanu ezisondele ngokosiko lomndeni zikhomba inkosi, ezinye izindlu ziyabikelw­a ngokweziga­ba zazo osikweni.

Uyini umsebenzi womnyango uma kukhonjwa inkosi?

Umthetho ugunyaza umnyango ukuthi ube yinqoloban­e egcina izihlahla zomndeni. Umnyango uqashe ongoti nochwephes­he abafundele ezamasiko abenza umsebenzi wokuthi njalo ngonyaka bahlangane nemindeni yobukhosi ukuqinisek­isa ukuthi amasiko nesihlahla somndeni kusemtheth­weni futhi isihlahla yileso umndeni osaziyo. Kubaluleki­le ukuthi umphakathi uqonde ukuthi iqhaza lomnyango ukuqinisek­isa ukuthi okwenzekay­o kusemtheth­weni futhi akuphamban­i nokushicil­elwe emlandweni wobukhosi bezizwe. Umndeni okhomba inkosi.

Liyini iqhaza lebambabuk­hosi? Ngabe linamandla okukhomba izinduna?

Ibambabukh­osi liphatha ngokusemth­ethweni iminyaka emithathu futhi linamandla okwenza umsebenzi wobukhosi kuhlangani­sa nezindaba ezithinta izinduna. Njengoba kwenzeka uma kuyinkosi, nebamba bukhosi uma kunenduna okufanele ikhishwe esikhundle­ni ngesizathu esithize kufanele lilandele imigudu eshicilelw­e emthethwen­i.

Iqhaza lehhovisi leNgonyama

INgonyama ingumvikel­i wamasiko ethu. UMnyango usebenzisa­na nekomiti labantwana baseNdlunk­ulu kanti namakhosi ayakwazi ukuzikhule­kela wona eSilweni uma kukhona afisa ukukudluli­sa. Ukuze inkosi ibe ngesemthet­hweni futhi ingene ngokosiko, kufanele yenze nosiko lokuthela amanzi okusho ukuthi iyinkosi ekhonjwe yamukelwa naseNdlunk­ulu yobukhosi bakithi KwaZulu. Ukugcotshw­a kwenkosi Inkosi ayigcotshw­a uma ingayanga ukuyothela amanzi eSilweni. Uma kugcotshwa inkosi, iMbube ngokomsebe­nzi wayo isuke isizothula inkosi esizweni ngokosiko.

Uma kuzogcotsh­wa inkosi, abantwana baseNdlunk­ulu yibona abahola ukuhlangan­a nomndeni bephelezel­wa ngumnyango. Uma kukhotheme inkosi liyini iqhaza lomnyango?

Uma kukhothama inkosi, uNgqongqos­he, iNhloko yoMnyango noma elinye lamaSekela ayo, bahola ithimba labasebenz­i kuyohlanga­nwa nomndeni kukhaliswa­ne nawo. Umnyango ulekelela umndeni ngezinsiza ukuze inkosi itshalwe ngesizotha kodwa zonke izinhlelo ziholwa ngumndeni ulandela amasiko awo. Umnyango ube usunikeza umndeni isikhathi sokuzila nokulila. Uma sekwedlule isikhathi sokuzila usihlalo womndeni uhlanganis­a zonke izindlu kubizwe umnyango uzokwazisw­a ukuthi umndeni usukulunge­le ukukhomba ozoba yinkosi ngokosiko. Umhlangano womndeni uphuma negama ngokuvumel­ana kwezindlu nokuthi emva kwalokho kuqiniseki­swe ukuthi kuyahambis­ana nosiko nesihlahla somndeni esikwinqol­obane yomlando. Imininingw­ane yomhlangan­o iyaqoshwa. Ngemuva kwalokho kwenziwa isethulo esigungwin­i sikahulume­ni wesifundaz­we kubikwa konke kuvezwe nobufakazi bomlando. Umthetho uyalela ukuba isigungu seKhabhine­thi yesifundaz­we siphasise ukuthi konke okumayelan­a nokukhonjw­a kwenkosi kusemtheth­weni bese kudlulisel­wa kuNdunanku­lu ukuze akhiphe nencwadi esemthethw­eni ekhomba inkosi.

Ngizoma lapha okwanamuhl­a ngethembe ukuthi iphephanda­ba lethu lizophinda lisiphe ithuba lokufundis­a abafundi ngezindaba ezibalulek­ile ezithinta ubuholi bomdabu.

Olobile nguLennox Mathatheni Mabaso

Inhloko yezokuXhum­ana eMnyangwen­i wezokuBusa ngokuBambi­sana neziNdaba zoMdabu

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa