‘Alizobahluphekisa abasemapulazini iholo’
ABOMNYANGO wezabaSebenzi bathi akulona iqiniso ukuthi iholo elisha labasebenzi basemapulazini lizobahluphekisa njengoba ungqongqoshe enza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi bahola kangcono.
UMnuz Thembinkosi Mkaliphi, onguMqondisi kulo mnyango kuzwelonke, uthe ngaphambi kokunyuswa kweholo ungqongqoshe uxoxa nazo zonke izinhlaka ezithintekayo emkhakheni othile akusikhona ukuthi uvele azinqumele yena ukuthi iholo selizoba yimalini.
“Uma sekuqala umthetho ophoqa ukuthi iholo liqale ku-R3 500, uzonyuka nomholo wabasebenzi basemapulazini njengoba kufanele bahole okungenani u-R18 ngehora,” kusho uMkaliphi.
UMnuz Deneco Dube, onguNobhala Jikelele wenyunyana yabasebenza emapulazini iCommercial Stevedore Agricultural and Allied Workers Union (CSAAWU), uthe abaneme neze ngemali encane efakelwe abasebenza emapulazini.
“Uma ubheka iholo lomsebenzi ohola kancane kuzwelonke kuthiwa kufanele libe wu-R3 500. Abasebenzi basemapulazini bayaqhubeka nokuholelwa amakinati. Le mali ngeke ibasize ukuphila kangcono kunalokho izobahluphekisa kakhulu,” kusho uDube.
Uthe bazoqhubeka nokulwela ukuthi umsebenzi wasepulazini ahole u-R8 500 ngoba yiholo eliletha impilo engcono leli.
Kusukela ngoMashi kugqugquzelwe abanikazi bamapulazi ukuthi baholele abasebenzi u-R3 169.19 ngenyanga.
Ukunyuswa kweholo labo kusho ukuthi bangenelwe wu-R168.06 njengoba ngesonto bezohola u-R731.41.
Ngosuku abasebenzi basemapulazini banyuselwe iholo ngo-R7 njengoba lisuka ku-R138.52 liya ku-R146.28.