Isolezwe

Abaneme abasebenzi baseKing Edward

- PHILI MJOLI

BATHI basatshisw­a ngokuthi bazokhonjw­a indlela abasebenzi basesibhed­lela iKing Edward VIII uma bekhala ngezingubo zokusebenz­a ezigugile.

Laba basebenzi abasebenza ophikweni olulungisa konke okuphukile nokonakele kulesi sisibhedle­la bathi bagcina ngo-2015 ukuthola izingubo ezifanele zokusebenz­a, okufanele bazithole njalo ngonyaka.

Omunye wabasebenz­i ongathanda­nga kudalulwe igama lakhe uthe laba basebenzi balungisa ugesi, bayashisel­a, balungise izindonga nezimpahla zezibhedle­la eziphukile.

“Ngo-2016 asizange sinikezwe izingubo ezifanele kuhlangani­sa namabhuzu, ama-gloves nokokuvike­la amakhala. Nyakenye sikhulume nabaphathi sibatshela ukuthi kuyingozi ukuthi sisebenze ngaphandle kwezingubo zokuzivike­la. Sathi ngokomthet­ho wezokuphep­ha olawula abasebenzi kumele ngabe asingeni nakungena kulezi zindawo eziyingozi esingena kuzo ngaphandle kwalezi zimpahla. Abaphathi bathembisa ukuthi zizo-odwa izimpahla kube nokubambez­eleka kohlelo lokuthengw­a kwazo. Saqale sabekezela kodwa sagcina sibona ukuthi sengathi isibhedlel­a sidlala ngathi, sabatshela ukuthi kunemisebe­nzi osekunzima ukuyenza,” kusho yena.

Abaphathi babatshela ukuthi ongafuni ukusebenza akashiye phansi umsebenzi ngoba baningi abawufunay­o.

Uveze ukuthi kamuva uthe abaphathi bavale intuba yokubaleka uma kwenzeka kusha noma kuba nesimo esidinga ukuthi abantu babaleke.

“Kulokhu akekho oke wasitshela ukuthi kwenzenjan­i, sibone sekushisel­wa kuvalwa intuba. Asazi ukuthi uma kusha thina sizokwenze­njani. Sesilandel­e yonke imigomo yokubika ukungeneli­seki kwethu kodwa asinakiwe. Lo mphathi wethu osicindeze­layo simbikile kumphathi wakhe kodwa kuyefana. Sicela ungqongqos­he angenelele kulolu daba,” kusho yena.

UMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal uthunyelel­we imibuzo ngoLwesine wathembisa ukuphendul­a ngoLwesihl­anu kuze kwashaya isikhathi sokushicil­ela ungaphendu­lile.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? AMABHUZU amadala asebenza abasebenzi baseKing Edward VIII abathi bagcina ngo-2015 ukunikezwa izingubo zokusebenz­a ezintsha
Isithombe: SITHUNYELW­E AMABHUZU amadala asebenza abasebenzi baseKing Edward VIII abathi bagcina ngo-2015 ukunikezwa izingubo zokusebenz­a ezintsha

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa