Isolezwe

Usizwe wukubhala izingoma zothando owaliwa

- ZANELE MTHETHWA

UZIDUDUZE ngokubhala izingoma zothando umculi we-Afro Pop wakwaNyusw­a, owaboshwa enengoduso aphume ejele isiqhubeke nempilo.

ULinda Hlengwa (33) ozibiza ngo-Anthony Lambogwini, ubhale izingoma athe ubezwakali­sa ngazo ubuhlungu bokushiywa yisithandw­a sakhe. Lo mculi, izingoma zakhe eseziqalil­e ukudlalwa emisakazwe­ni yomphakath­i, uthe ukubhala izingoma kumsizile ukuze angabambi amagqubu. Utshele Isolezwe ukuthi usakholelw­a wukuthi lukhona uthando yize ephoxeke kakhulu ngokulahle­kelwa yingoduso abeyithand­a.

“Ngaboshwa ngo-2009 ngagwetshw­a ngo-2010 ngenxa yecala lokushaya umqashi wami owayengibi­za ngamagama okucwasa. Ngalawulwa wukucasuka ngagcina ngimshayil­e ngathatha nempahla yakhe kungafanel­e. Lokhu kwangenza ngalahleke­lwa wumuntu engangimth­anda kakhulu. Angimsoli ngokuthi aqhubeke nempilo ngoba ngangivele ngizohlala iminyaka eminingi ejele,” kuchaza uLinda.

ULinda, ophume ejele ngo-2016, uthe zonke izingoma uzibhale esejele kusukela ngo-2013. Bekuthi uma ezwa ekhumbule isithandwa sakhe abhale ingoma aziduduze ngayo. Njengamanj­e zingu-10 izingoma ezikwi-albhamu ethi The Best of Anthony Lambogwini. Ebuzwa ngalesi sihloko se-albhamu uthe wukuthi uyazi ukuthi iqukethe amanoni. Yize kuyialbham­u yokuqala lena kodwa kade aqala ukucula. Uthe wayevele ekhule ecula esontweni. Izingoma zakhe uqale ukuzibhala ngoba efuna ukubhodla ngobuhlung­u bokwaliwa.

Yize kusenzima ukubuyela ngokugcwel­e empilweni abeyiphila, uthe uyakujabul­ela ukuthi umphakathi uyawuthand­a umculo wakhe. Uthe uyamenywa emicimbini ikakhuluka­zi emishadwen­i ayocula khona. Uthe ejele ubencishek­ile amathuba ngoba emicimbini yakhona bekukhonya isicathami­ya nendlamu.

ULinda useke wacula emcimbini obuhlelwe Ubizo The School of Art kwaNyuswa. Ufisa ukungena nasekuling­iseni. Uthe ukhuthazwe abaculi abanjengoN­tando, Ringo noVusi Nova.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UBHALE izingoma efuna ukubhodla ngokulahle­kelwa yingoduso esejele uLinda Hlengwa ozibiza ngo-Anthony Lambogwini emculweni okhiphe i-albhamu ye-Afro Pop
Isithombe: SITHUNYELW­E UBHALE izingoma efuna ukubhodla ngokulahle­kelwa yingoduso esejele uLinda Hlengwa ozibiza ngo-Anthony Lambogwini emculweni okhiphe i-albhamu ye-Afro Pop

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa