Kunzima ukuchaza isimo seBlitzbokke
ISIMO ekhempini yeqembu lamaSevens, iBlitzbokke, kunzima ukusichaza kwazise okwenzeke ngesonto eledlule eSydney kuphinde kwenzeka naseHamilton.
Ngeledlule abafana bakaNeil Powell bashaywe kowamanqamu kade beziphuzela isobho kweyamaqoqo. Ngemuva kwalokho kushaywa kabuhlungu yi-Australia, iBlitzbokke ilivulile igebe emaphuzwini atholakala ngokwenza kahle ngokwehlukana kwemizuzliswano. Nakule mpelasonto ezikaPowell bezizidlela amahlanga kuyona yonke eyamaqoqo. Zifike kweyomkhumulajezi zenza okufanayo obekuhambisana nokubuyisa izinduku kwiAustralia eziyinenebule kowandulela owamanqamu.
Inkinga iqale ngesiwombe sesibili eHamilton lapho iFiji, ebilandela ngo 17-5 ngesikhathi sekhefu, evuke khona indlobane. Okwenza ukuthi isimo sibe muncu ekhempini wukuthi baphinde balikhuphula igebe esicongweni kodwa kunzima ukukujabulela lokho ngoba ukushaywa yiFiji kade bebukeka bezihambela kufanele kubaphule umoya. Emdlalweni iBlitzbokke ayizange ithole maphuzu esiwombeni sesibili ngoba iFiji igcine inqobe ngo 24-17.
Njengamanje ezikaPowell zihleli esicongweni seHSBC World Sevens Series ngamaphuzu ayisishiyagalombili, zilandelwa yiNew Zealand elale isine idlalela ekhaya. IFiji yiyona esihleli endaweni yesithathu emuva kokuhlabana kwayo eHamilton.
Ngaphandle kokulinyalelwa wukaputeni uPhilip Snyman kunezinkinga zokuthi babuyela emaqenjini abo azobadinga kwiVodacom Super Rugby oSeabelo Senatla, Kwagga Smith noTim Agaba. Yize kunjalo kodwa umqeqeshi unalo ithuba lokusihlanganisa kahle isikwati sakhe ngoba umzuliswano olandelayo uzokuba se-United States of America ngempelasonto kaMashi 2 kuya ku-4. Imidlalo izobe iseSam Boyd Stadium, eLas Vegas, edume ngezimpi zamankomane nobukhazikhazi bezindawo zokugembula.