AmaDolphins asizwe yimvula ukuthola isicoco
ALANYULELWE yimvula amaDolphins eqeda ishobolo leminyaka engu-16 ehlulwa yisicoco seMomentum One Day.
AmaDoliphins azithole edlalela umdlalo wamanqamu ekhaya yize eqede endaweni yesithathu. AmaTitans aqede endaweni yokuqala akhishwe yiWarriors kowandulela owamanqamu. IWarriors iqede endaweni yesine emidlalweni yamaqoqo.
NgoLwesihlanu amaDolphins atholane phezulu neWarriors kowamanqamu eSahara Stadium, Kingsmead, eThekwini.
IWarriors iwine ithosi yaqoka ukushwiba kuqala. Leli qembu lase-Eastern Cape lidlale ingcwenga yekhilikithi ngaphambi kokuphazanyiswa yimvula.
Ngemuva kwama-over angu39.4, amaDolphins ashaye ama-run angu-156 kusaphume ama-batsman ayisithupha. Ngaleso sikhathi abeshaya ama-run amane nge-over iyodwa okusho ukuthi abezogcina ephelele ku-196 ukube akwazile ukuqedela ama-over angu-10.2.
Nokho imvula nombani yikona okulamulele amaDolphins kwazise iWarriors ibisendaweni enhle kakhulu yokunqoba umdlalo.
Umdlalo umisiwe ngenxa yesimo sezulu ngo-4.18 ntambama. Ngo-6.50 abaphathi bomdlalo bathathe isinqumo sokuthi umdlalo ungabe usaqhubeka. Kuthathwe isinqumo sokuthi udlalwe ngoMgqibelo ngo1.30 emini kodwa wagcina ungadlalwanga ngenxa yokuthi imvula ibingazibekile phansi.
Ngaleyo ndlela amaDolphins neWarriors yibona ompetha beMomentum One Day Cup ngokuhlanganyela.
AmaDolphins ayegcine ukudla isicoco seMomentum Cup ngo2001/2002. Kusukela lapho leli qembu alikaze liphinde lisinqobe lesi sicoco.
AmaDolphins agcina ukudla isicoco kusekhona uLance Klusener ngo-2013/2014.
Kule sizini bekungokwesibili efinyelela kowamanqamu. Leli qembu laseThekwini liguqiswe amaTitans kowamanqamu weRam Slam T20 Challenge. Njengamanje asezozama ukufaka umbango kwiSuperSport Series.
Khonamanjalo, izolo amaProteas aphinde athola isibhaxu ngesikhathi emuhluzwa yi-India ngamawikhethi ayisishiyagalolunye.
I-India iwine ithosi yaqoka ukushwiba. Ifake elakuleli ehlazweni elikhipha lonke lisenze ama-run angu-118 okuyisibalo esincane kunazo zonke zama-run esezake zashaywa eSuperSport Park, eCenturion, ePitoli.
I-India isihamba phambili ngo 2-0 kulolu chungechunge lwemidlalo eyisithupha yosuku okulodwa. Umdlalo wesithathu usePPC Newlands, eKapa.
I-India ayikaze iyinqobe imidlalo yochungechunge eNingizimu Afrika.