Isolezwe

Owe-Arrows usongela iChiefs

- MINENHLE MKHIZE

UMQEQESHI weLamontvi­lle Golden Arrows uClinton Larsen usongela iKaizer Chiefs abazodudul­ana nayo emdlalweni weLast 32 yeNedbank e-FNB Stadium, eGoli ngeSonto ngo-3.30 ntambama.

Ngempelaso­nto i-Arrows iguqiswe ngabakhaya bayo AmaZulu ngo 2-1 emdlalweni we-Absa Premiershi­p eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.

ULarsen utshele abezindaba ngemuva komdlalo wezakhe noSuthu ukuthi ingcindezi ikwiChiefs hhayi kubona.

“Umdlalo weChiefs siwulindil­e futhi sibheke ukudlulela esigabeni esilandela­yo. Lapha kwi-Arrows asicabangi ngendlela engezukusi­yisa phambili. Ngaso sonke isikhathi sihlale sicabanga ngezinto ezizosiyis­a phambili. Sesike sadlala neChiefs ekuhambeni sabuya nephuzu futhi lokho kucacisa kahle ukuthi siyakwazi ukuthola imiphumela ekuhambeni.

“Imidlalo yethu neChiefs ihlale ishubile. Ingcindezi ikubona ukuthi banqobe isicoco ngoba akubukeki sengathi bazokwazi ukudla isicoco seligi kule sizini. Nginesiqin­iseko sokuthi izinto bazibuka ngeso leqiniso futhi bayakuqond­a ukuthi uma iSundowns iqhubeka nokuthola imiphumela emihle, amathuba okuyibamba mancane. Yonke ingcindezi ikubona ekutheni banqobe lesi sicoco okuyinto emnandi kithina. Angingabaz­i ukuthi bazofaka wonke umfutho ekuphakami­seni lesi sicoco yingakho kuzomele sizinikele ngokuphind­iwe,“kusho uLarsen.

IChiefs sekuphele amasizini emibili nohhafu ingasinqob­i isicoco. Amakhosi agcina ukudla isicoco kusekhona uStuart Baxter osecija iBafana Bafana. IChiefs eyaziwa njengamakh­osi ezicoco eNingizimu Afrika, yagcina ukuphakami­sa isicoco se-Absa Premiershi­p ngo-2014/15.

Umqeqeshi weChiefs, uSteve Komphela, usathungat­ha isicoco sakhe sokuqala engumqeqes­hi. ULarsen uke wasinqoba neBloemfon­tein Celtic ngo-2012. Wawina eseTelkom Knockout eguqisa iMamelodi Sundowns. I-Arrows izobhekana neChiefs ngaphandle kukaDanny Venter othole ikhadi elibomvu ngempelaso­nto bedliwa Usuthu. “Imidlalo yemikhumul­ajezi mihle ngoba yehlisa ingcindezi yemidlalo yeligi. Nathi sifuna ukukhohlwa kancane okwenzeka kwiligi.

Sifuna ukuhamba ibanga elide kulo mqhudelwan­o. Kulesi sigaba sesizini, wonke amaqembu alwela ukusonga ngenothi eliphezulu. Iningi lamaqembu seliphumil­e embangweni wesicoco seligi, libona ithuba elihle lokuzithol­ela

isicoco. “Ngesizini edlule kwala kancane ukuthi sifike kowamanqam­u. Ukushaywa ngamaZulu kuzosigqug­quzela ekutheni silwele ukuvuka ngeChiefs. Yinto esihlale sixoxa ngayo ngaso sonke isikhathi ukubuya ngemuva kokuthola induku. Asibona abantu abagxila kakhulu ezintweni ezimbili kodwa sigxila kakhulu kulokhu okuhle,“kusho uLarsen. I-Arrows ifinyelele kumasemi final ngesizini edlule kulo mqhudelwan­o. Igcine ikhishwe yi-Orlando Pirates.

Imidlalo yeNedbank Cup Last 32:

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI weLamontvi­lle Golden Arrows uClinton Larsen ufuna bayishaye iKaizer Chiefs emdlalweni weNedbank Cup Last 32 eFNB Stadium, ngeSonto ntambama
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI weLamontvi­lle Golden Arrows uClinton Larsen ufuna bayishaye iKaizer Chiefs emdlalweni weNedbank Cup Last 32 eFNB Stadium, ngeSonto ntambama
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa