Baphuthwe yithuba lesicoco seMDC Abafana Be’sthende
ILAMONTVILLE Golden Arrows ezihola phambili kwi-log yeMultichoice Diski Challenge ka-2017/2018 iphikwe yithuba lokugoduka nesicoco kusasele imidlalo ngesikhathi ivumela ukudlala ngokulingana ne-Ajax Cape Town ikade ihamba phambili kungenwa esikhathini somusa kanondweba.
Ngaphandle komphumela womdlalo obuseKapa ngoMgqibelo ophele ngo 3-3, ukuze i-Arrows isiphinde lesi sicoco bekumele inqobe kwi-Ajax bese ikhulekela ukuthi iBloemfontein Celtic ihlulwe yiChippa United. Kodwa akuhambanga ngokohlelo kwezikaVusumuzi Vilakazi noPapi Zothwane ngoba iCeltic igxumele endaweni yesibili ngokunenebula iChippa ngo 4-0.
Kowe-Arrows, leli qembu laseThekwini lizithole lilandela ngo 2-0 esiwombeni sokuqala kodwa kwagcina sekuyilona elihamba phambili ngo 3-2 sekungenwa emizuzwini kanondweba. Kulapho Abafana Bes’thende belale khona uToriq Losper wayijikijela enethini i-free kick ngomzuzu ka-90.
I-Arrows izihola phambili ngamaphuzu angu-29 okwenza ishiye iCeltic ngamane kwazise yona inangu-25 bese kuba yi-Ajax enangu-24. Umdlalo olandelayo we-Arrows (owandulela owokugcina) usekhaya ne-Orlando Pirates ngoFebhuwari 18 bese kusala owokugcina neBidvest Wits ekuhambeni ngoFebhuwari 25. Njengoba imidlalo isibheke ekugcineni sekuqala ukucaca manje ukuthi umbango uphakathi kwe-Arrows neCeltic esalelwe wumdlalo neCape Town City ekuhambeni neMaritzburg United ekhaya.
Okucacayo wukuthi ithanda ukuba nzima ngendlela efanayo imidlalo esalele la maqembu womabili ngoba i-Arrows inePirates nje neCeltic ineMaritzburg abangekude kangako nesicongo. EyeWits (ku-Arrows) neCape Town City kuCeltic ibukeka ilula yize ibhola libuye lishintshe.