Isolezwe

UHunt nethemba lesicoco nokunyuka

- LUNGILE MAJOKA

UKUBALWA namaqembu abalekela izembe akumenzi umqeqeshi weBidvest Wits, uGavin Hunt, abone iqembu lakhe lingasafan­elwe yizinto ezinhle kule sizini ka-2016/2017.

UHunt uthe iqembu lakhe uma lingaqeda isihlava sokungaseb­enzisi amathuba amagoli eliwakhayo lisenganyu­ka kwi-log ye-Absa Premiershi­p liphinde linqobe nesicoco seNedbank Cup.

IWits ihleli endaweni ka-13 kwi-log ngemuva kokubamban­a ngo 1-1 neKaizer Chiefs emdlalweni weligi eBidvest Stadium ngoMgqibel­o ebusuku.

IChiefs ihambe phambili ngegoli likaRyan Moon alishaye ngaphambi kokuthi kuyiwe ekhefini, kwathi uLehlohono­lo Majoro wabeka elokulinga­nisa leWits ngesiwombe sesibili. I-Nedbank Cup, okuyisona isicoco somkhumula­jezi esisele kule sizini, iqala ngoLwesith­athu lapho iZitshuden­i zizovakash­elwa yiCape Town City kuyona le nkundla emdlalweni weLast 32. Umdlalo uqala ngo-7.30 ebusuku. Yize iWits itabalasa kwiligi kodwa uHunt nezakhe sebevele banaso isicoco kule sizini ngemuva kokunqoba iTelkom Knockout lapho beshaye khona iBloemfont­ein Celtic kowamanqam­u, ePrincess Magogo Stadium ngo 1-0. Ngokunqoba lesi sicoco uHunt ulandele kuPitso Mosimane kubaqeqesh­i bakuleli asebenqobe izicoco eziningi kwiPremier Soccer League. Ephawula kwithelevi­shini ngamaqembu asembangwe­ni wesicoco uHunt, uthe: “Iqembu elizonqoba imidlalo eminingi yilona elizowina isicoco. Kulokhu umbango ushubile akufani nanyakenye lapho thina ngemuva kwemidlalo engu-20 bese siqoqe amaphuzu amaningi. Bonke abantu bayalwa nathi ngapha siyalwa lapha esikhona. Njengoba ngike ngasho singagcina sisondele phezulu. Kwazi bani mhlawumbe singayinqo­ba neNedbank Cup.”

Ephawula ngomdlalo weChiefs ubalise ngokungash­ayi amagoli.

“Yilokho okusibeke lapha esikhona njengamanj­e. Ngeke ngibasole abadlali bami ngokuzinik­ela enkundleni kodwa nje iyamangaza indlela esilahla ngayo amathuba,” kusho Hunt.

IWits kubagadli, ebophele uJames Keene, Amir Gamal (ongasadlal­iswa), Gabadinho Mhango, isashaye amagoli angu-16 kuphela emidlalwen­i engu-20. Isanda kusayinisa uThobani Mncwango. Iyona nePlatinum Stars abanamagol­i angu-10, abanesibal­o esincane samagoli.

 ??  ?? PLATINUM STARS
PLATINUM STARS
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa