Abanatwetwe ngesimo abakusona
AYITHUKILE iRoyal Eagles ebalwa namaqembu azama ukubalekela izembe kwiNational First Division (NFD) kule sizini ka-2017/2018.
I-Eagles inenebulwe yiHighlands Park ngo 4-0 ngempelasonto emdlalweni weNFD eMakhulong Stadium, eGoli. Ihlezi endaweni yesithathu uma usuka ekugcineni kwi-log yeNFD ngamaphuzu angu-19 emidlalweni engu-20.
Njengamanje leli qembu lihlukaniswe amaphuzu amabili neBuntu Cape Town ebambe ibhuleki kwi-log.
UJames Dlamini oyimenenja jikelele yeqembu utshele leli phephandaba ukuthi asibathusi isimo abakusona njengeqembu.
“Indawo esihlezi kuyona ayiyinhle kodwa ngeke sixhamazele. Iqembu lethu alidlali ibhola elibhedayo. Lokhu kufakazelwa yisibalo samagoli esesiwashayile. Alikho iqembu eselishaye amagoli angaphezu kwawethu kule sizini kwiNFD. Inkinga yethu yindlela esidedelayo ngayo amagoli. UHeric (Vladislav, ongumsizi kaKostadin Papic ocija iqembu) usebenza kanzima ukulungisa le nkinga. Ukushaya amagoli yikona okusinika ithemba lokuthi sizokwazi ukujika izinto,” kusho uDlamini.
Amaqembu amabili aqede ekugcineni kwi-log azodliwa yizembe ekupheleni kwesizini.
“Amaqembu esinawo ezansi sisazodlala nawo. Thina kumele sizishayele wona ukuze sinyukele endaweni engcono kwi-log,” kusho uDlamini.
I-Eagles isishintshe inqwaba yabaqeqeshi kule sizini ka-2017/2018. Iqale isizini ngo-Allan Freese. Lo mqeqeshi oselekelela u-Owen Da Gama kwiHighlands Park esesicongweni uxoshwe ngemuva kokuphikwa yimiphumela.
Ngemuva kwalokho izintambo zinikwe uZipho Dlangalala kodwa naye wafika wabhinjelwa yizinto ngemuva kwalokho kwalandwa uPapic.
UPapic izinto azimhabeli kahle njengoba iqembu lingayitholi imiphumela emihle.
“Kunabadlali ebesikade sibafuna emaqenjini adlala kwi-Absa Premiership kodwa sigcine singabatholanga ngenxa yokuthi amaqembu aseqala ukubasebenzisa. Nokho seneme ngesikwati esinaso futhi asingabazi ukuthi sizokwazi ukugcina iqembu kwiNFD. UMame Niang esisanda kumsayinisa usewatholile amaphepha akhe okusebenza ngokusemthethweni kuleli,” kusho uDlamini.
I-Eagles sekumele igxile kwiNedbank Cup okwesikhashana ngpba ayikho imidlalo yeNFD ngempelasonto. NgeSonto ngo-3 ntambama izodudulana neHappy Wanderers eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont.