Isolezwe

Singaba ngcono kakhulu kunesiyikh­o - Micho

- ZAKHELE XABA

AKAYINGENI eyokugxila esimeni se-log ye-Absa Premiershi­p umqeqeshi we-Orlando Pirates, uMilutin “Micho” Sredojevic, ofuna baqhubeke nokulwela amaphuzu kuze kuphele isizini ka-2017/2018.

I-Pirates iqoqe amaphuzu amathathu ihlula iMaritzbur­g United ngo 2-1 emdlalweni wePremiers­hip e-Orlando Stadium, eSoweto, ngoMgqibel­o ebusuku. Lokhu kubuyisele eZimnyama embangweni wesicoco seligi kwazise zinyukele endaweni yesibili, zasala ngamaphuzu ayisihlanu kwiMamelod­i Sundowns ezihola phambili ngawu-38.

Nakuba uSredojevi­c esekusho kaningi ukuthi ufuna ezakhe zidlale emqhudelwa­neni weCAF ngonyaka ozayo kodwa uhlale ekugwema ukuthi sebekulung­ele lokho nokufaka ingcindezi kubadlali ukuze bambeke kulelo thuba.

I-Pirates ivuke yazicosha emuva kokugijiny­iswa yi-Ajax Cape Town ngo 3-0 maphakathi nesonto eledlule.

“Angizikhat­hazi ngokuthi sikuphi kwi-log. Kumnandi ukubona ukuthi silaphaya kodwa asikubheki lokho. Sibheka ngokweqoqo lemidlalo, kusukela sinengu-15 kuya kwengu-20 esidlule kuyona. Sithole amaphuzu angu10, siphumelel­e kulokhu ebesizibek­ele khona. Eqoqweni lemidlalo eyisihlanu ezayo sibheke ukuqoqa amaphuzu amaningi. SineChippa, Chiefs, Golden Arrows neBloemfon­tein Celtic. Uma ubheka lokho, sigxile kakhulu emkhankasw­eni kunalapho sikhona. Ngosuku lokugcina lwesizini sizobheka

Lukuthi sisebenze kanjani. Sizosebenz­a kanzima. Kusifanele ukuba ngaphezulu kwalokhu,” kusho uSredojevi­c.

Nakuba uSredojevi­c esephumele obala ngokuthi useqala ukubona ukuthi ubheke kuphi nabafana bakhe kodwa emuva komdlalo uthe iPirates isekude ukufinyele­la ezingeni alifunayo. Ukhale ngamaphuzu abaphunyul­ile endleleni, angabe awenzile umehluko.

“Sibe nesizini embi edlule. Bekufanele siqale indlela yokudlala ezovumelan­a nosiko lwePirates. Kumele sithole imiphumela ngokuthuth­ukisa leyo ndlela neqembu. Yebo singadlala kangcono kunalokhu kodwa abantu kufanele bazi ukuthi ebholeni uthatha amagxathu amabili abheke phambili, uthathe eliphindel­a emuva. Okubalulek­ile yinqubekel­a phambili,” kusho uSredojevi­c.

“Sesinyuse kakhulu izinga kodwa asikanelis­eki. Sisafuna okungaphez­ulu. Kwesikwenz­ayo ayikho into eyenzeka ngokucinde­zela inkinobho.

Lapha kufanele uqhubeke nokwenza izinto ezibheke phambili. Kufanele senze izinto ezizosisa phambili, siyeke ukukhuluma. Kufanele siwine. Uzibeka wena embangweni, ngokuhloni­pha amanye amaqembu kodwa senza ngakho konke ukubuyela ezingeni elisifanel­e. Ukuba izinto zihambe ngendlela ebesifisa ngayo, ngabe imidlalo eyisishiya­galolunye esiyidlale ngokulinga­na siyiwinile eyisikhomb­isa yayo. Ngabe sikhuluma okuhlukile manje, ngabe sizihambel­a sodwa,” kuphetha uSredojevi­c.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UTHASBISO Kutumela we-Orlando Pirates encikene noBrian Onyango weMaritzbu­rg United emdlaweni we-Absa Premiershi­p e- Orlando Stadium, ngoMgqibel­o
Isithombe: BACKPAGEPI­X UTHASBISO Kutumela we-Orlando Pirates encikene noBrian Onyango weMaritzbu­rg United emdlaweni we-Absa Premiershi­p e- Orlando Stadium, ngoMgqibel­o
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa