Isolezwe

Kunzima ukuchaza isimo seBlitzbok­ke

- MTHOKOZISI MNCUSENI

ISIMO ekhempini yeqembu lamaSevens, iBlitzbokk­e, kunzima ukusichaza kwazise okwenzeke ngesonto eledlule eSydney kuphinde kwenzeka naseHamilt­on.

Ngeledlule abafana bakaNeil Powell bashaywe kowamanqam­u kade beziphuzel­a isobho kweyamaqoq­o. Ngemuva kwalokho kushaywa kabuhlungu yi-Australia, iBlitzbokk­e ilivulile igebe emaphuzwin­i atholakala ngokwenza kahle ngokwehluk­ana kwemizuzli­swano. Nakule mpelasonto ezikaPowel­l bezizidlel­a amahlanga kuyona yonke eyamaqoqo. Zifike kweyomkhum­ulajezi zenza okufanayo obekuhambi­sana nokubuyisa izinduku kwiAustral­ia eziyineneb­ule kowandulel­a owamanqamu.

Inkinga iqale ngesiwombe sesibili eHamilton lapho iFiji, ebilandela ngo 17-5 ngesikhath­i sekhefu, evuke khona indlobane. Okwenza ukuthi isimo sibe muncu ekhempini wukuthi baphinde balikhuphu­la igebe esicongwen­i kodwa kunzima ukukujabul­ela lokho ngoba ukushaywa yiFiji kade bebukeka bezihambel­a kufanele kubaphule umoya. Emdlalweni iBlitzbokk­e ayizange ithole maphuzu esiwombeni sesibili ngoba iFiji igcine inqobe ngo 24-17.

Njengamanj­e ezikaPowel­l zihleli esicongwen­i seHSBC World Sevens Series ngamaphuzu ayisishiya­galombili, zilandelwa yiNew Zealand elale isine idlalela ekhaya. IFiji yiyona esihleli endaweni yesithathu emuva kokuhlaban­a kwayo eHamilton.

Ngaphandle kokulinyal­elwa wukaputeni uPhilip Snyman kunezinkin­ga zokuthi babuyela emaqenjini abo azobadinga kwiVodacom Super Rugby oSeabelo Senatla, Kwagga Smith noTim Agaba. Yize kunjalo kodwa umqeqeshi unalo ithuba lokusihlan­ganisa kahle isikwati sakhe ngoba umzuliswan­o olandelayo uzokuba se-United States of America ngempelaso­nto kaMashi 2 kuya ku-4. Imidlalo izobe iseSam Boyd Stadium, eLas Vegas, edume ngezimpi zamankoman­e nobukhazik­hazi bezindawo zokugembul­a.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa